
Usungene nasezikoleni owengezo emabhinceni
LIBE likhulu isasasa kubantu baseNewcastle namaphethelo abebethakasele umbukiso wengezo ezikoleni.
Lo mbukiso uqalwe abafundi bezikole zamabanga aphezulu, konke okusuke kwenziwa kulo mbukiso kususelwa emculweni weSintu uMaskandi.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kubonakale abathandi balo mculo amabhinca, begqoke kahle begezile bekhombisa inhlanzeko beqhudelana.
Abafundi bezikole ezahlukehlukene Osizweni, sebedonse amehlo abantu abaningi nabo ngalo mdlalo wokugqoka kahle umfaniswano wabo wesikole bese bayaqhudelana.
Ngokusho kuka Aphiwe Ndawonde, ofunda esikoleni iZama High School, oSizweni odume ngelika Khansela, uthi lo mdlalo waqala ngasekuqaleni konyaka ophelile.
Uthi omunye wabafundi owaqhamuka nalo mbono wase ewethula kwabanye abafundi bawuthakasela.
IKhansela lithi umdlalo wengezo wokuqala wabanjelwa kwaMakhanya ezitolo oSosizweni, izikole zazizine kolowo mdlalo kubalwa iZama High School, Thubelihle High School, Cacamezela High School, kanye neMasihambisane High School.
Uthi kolo nyaka isike yabakhona imidlalo kwesinye izikole kodwa obubanjelwe enxanxatheleni yezitolo eTheku Plaza, eBlaubosch ngoLwesihlanu udonse amehlo omphakathi.
Kubikwa Ukuthi nabanye oThishanhloko bezikole bayawuseka lo mdlalo oqoqa abafundi nogqugquzela ubumbano njengoba lendawo idume ngokuba namaqembu ezigenengu kakhulukazi khona ezikoleni.