Ezemidlalo

Kubhedile kwiChiefs ebhaxabulwe i-Arrows okwesibili

IGOLDEN Arrows inqobe ngo 2-1 ibhaxabula iKaizer Chiefs emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Umqeqeshi uNasreddine Nabi neqembu lakhe ubesehlulwa okweshumi kule sizini kwiligi kanti i-Arrows imgile igoda, imshaya okwesibili emidlalweni yeBetway Premiership.

IChiefs iqale kahle futhi yabekelwa iphenathi umdlalo usanda kuqala ngesikhathi uGlody Lilepo edlaliswa kabi nguThokozani Lukhele.

Nokho ukaputeni uYusuf Maart uyigejile, ibhola lakhe lazishayisa epalini.

I-Arrows ibe seyiphakama ngemuva kwalokhu kushweba kodwa nayo yawalahla amathuba ambalwa abebukeka elula.

Nokho uKnox Mutizwa ube esephuca u-Inacio Miguel ibhola eduze nepali labo, walibeka phambi kukaNduduzo Sibiya obe eselinamathisela enethini.

IChiefs iphendule ngokushesha, uMaart elungisa iphutha alenze ngephenathi ngokuqedela umnyakazo omuhle kaGaston Sirino.

Yize iphushele ukuthi iwine ngesiwombe sesibili, iChiefs izithole seyiphinde iphefumula ngenxeba ngasekupheleni komdlalo.

Lokhu bekungemuva kokuthi uMutizwa evalele enethini igoli lokunqoba le-Arrows nelibuyise iChiefs ngaphansi kwengcindezi enkulu.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button