
Amaphoyisa angqokoze ngenhlamvu umsolwa kwelokuduna imoto
Bahle Mkhize
AMAPHOYISA asedubule abulala umsolwa oyedwa ababili baphuma ngembobo yenaliti badla phansi.
Imibiko ithi abasolwa bebehujelwa ukuduna imoto njengoba bedutshulwe ekhoneni lika Dumisani Makhaye noQueen Nandi Drive eThekwini ebusuku.
Kuthiwa amaphoyisa ophiko lweDog Unit athole umbiko mayelana nemoto eduniwe ebheke ngase Quarry Heights.
Amaphoyisa azamile ukuyivimba kuQueen Nandi Drive kodwa ahlangabezana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.
Yingaleso sikhathi ke kuqhume inganono abakwasidlodlo bakwazi ukumbeka phansi oyedwa wabasolwa. Ababili baphunyukile babaleka belibhekise ngakwaMashu.
Kwenzeka lesi sigameko nje iPurpose isanda kubika ukuthi umsakazi weNtokozo FM uNathi ‘SuperNathi’ Biyela ungomunye kwabane ababulewe amaphoyisa emgaqweni uDumisani Makhaye.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi ephuma emhlangweni nabanye, kanti amaphoyisa abika ukuthi badubula kuqala bebhekise kuwo asephendula ngenganono.
Lesi sigameko senzeke ngomhla ka-20 Mashi.
UBiyela kuthiwa naye ubengomumye obemele umphakathi waseHostel KwaMashu.
Ubebuye azosakaza njalo ngoMgqibelo uhlelo iTop 30 engena ngo 9:00 am aphume u 12:00 pm.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiNtokozo FM, uNathi ungomunye wabasakazi abebeshayela lo msakazo ngesikhathi wethulwa okokuqala futhi ubengumsakazi osemnkantshubomvu enolwazi olunzulu.