Izindaba

Bafuna ubulungiswa ngentombazanyana (7) enukubezwe esikoleni

Sane Mseleku

BAFUNA ubulungiswa abazali bentombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala enukubezwe esikoleni.

NgoNovemba-6 ngonyaka odlule ntambama umgilwa owayelinde imoto emuva kokuphuma kwesikole, esadlala nezinye izingane wazizwa edinga ukuya endlini encane.

Wabe esecela kumsolwa owaziwayo okuyena obagadayo esikoleni, wabe eseyamphelezela.

Ngokusho kukamgilwa wamphelezela waya endlini encane nalapho umsolwa wafike ‘wafaka into’ yakhe kweyamgilwa.

Efika ekhaya umgilwa kuthiwa wayekhala watshela ugogo wakhe ngokwenzekile nokuthi isitho sakhe sangasese sibuhlungu futhi siyashisa.

Ngesikhathi ugogo emhlola wathola ukuthi unukubeziwe ngokocansi wabe esephuthuma eThuthuzela okwilapho  udokotela owamhlola waqinisekisa.

Ugogo womntwana wavula icala lokunukubeza eMaluti Police station. Umgilwa wamgagula ngegama umsolwa osebenza esikoleni iVuka Rise Manase Primary School.

Ubaba womgilwa waphikelela esikoleni ngakusasa eyobika udaba lokunukubezwa kwengane yakhe kuThishanhloko. Wayalelwa ukuthi akabuye nephenti lengane ukuqinisekisa isigameko.

UThishanhloko wathi kungenzeka ukuthi ingane inukubezwe umfanyana omncane oneminyaka engu-6 ubudala owenza ibanga lokuqala hhayi umsolwa. Lokhu kumdine kakhulu ubaba womgilwa.

Isikole asizange silubike lolu daba eMnyangweni weZenfundo, kwaze kwaphela isonto kwayima lubikwa sekuphoqwa uThishanhloko yinhlangano yabesifazane iHolekane Women’s Support Organisation ne-ANCWL.

Ngesikhathi kuphenywa isikole kutholakale ukuthi kuqashwe iningi labantu besilisa abangabona othisha ngokugcwele. Kwatholakala ukuthi isikole sisebenza ngokungemthetho.

Kuthiwa laba basebenzi abahlolwanga ukuthi bakulungele yini ukusebenza nezingane ezincane. Nakuba isikole sibhalisiwe kodwa asisebenzi ngokomthetho.

Umsolwa waboshwa emuva kwamasonto amabili kwenzeke lo mshophi emuva kokuthi abeHolekane Women’s Support Organisation ne-ANCWL ilwile.

Ngebhadi wadedelwa umsolwa kuthiwa ubufakazi abanele nokuboshwa ngokungemthetho.

Kodwa udokotela waqinisekisa ukuthi umntwana unukubeziwe wasikhomba isigila mkhuba umgilwa.

Related Articles

Back to top button