
Usinde kukubi ofakaza kwiMadlanga Commission
Usinde kukubi bezama ukumsoconga othinteka kwiKhomishini kaMadlanga.
Yize iminininganwe yalolu daba ingacaci kahle, kodwa ithimba le eNCA liyamazi umlisa ongegagulwe ngegama ngenxa yokuvikela impilo yakhe.
Lo mlisa uhlaselwe izinkabi ezingaziwa eBoksburg ngoLwesine.
Ngezwi elethukile utshele ithimba lonogada endaweni ukuthi abamelekelele.
Kwinkulumo eqoshiwe uthi izinkabi zizame ukumduna noma ukumbulala futhi imoto yakhe idutshulwe amahlandla amaningi ngahambi kokuthi aphunyuke.
Osibhincamakhasane bathi indoda yabalulwa njengomsolwa othinteka ekubulaweni kuka Marius van der Merwe owaziwa njengo Witness D.
UVan der Merwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe ngo December.
NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169



