Izindaba

Uphenywe izinqa uBrigadier ‘obejola’ noMatlala 

Sindiswa Nxumalo

Ikhomishini kaMadlanga iyakuchitha ukuthi uBrigadier Rachel Matjeng weSAPS wayejola noMatlala yingakho wayemupha izimali ezishisiwe.

NgokweKhomishini lokhu kuyaphikisana nemiyalezo evela kuWhatsApp emva kwesivumelwano seSAPS Medicare okunkampani kaMatlala.

Imiyalezo iveza ukuthi uMatlala wamyalela ukuthi asebenzise i-account yesilaha (butchery) ukuze kufihlelwe unkosikazi wakhe.

Le Khomishini ibuchithile nobufakazi obulethwe uMatjeng othi akaze athole imali engango R100 000 kaningana evela kuMatlala.

IKhomishane iphakamise ukuthi lezi zimali zihlobene nesivumelwano sabo noMatlala.

“UMatlala wangicela ukuthi ngisebenzise i-account yesilaha ngoba wayengafuni ukuthi unkosikazi wakhe athole ngathi,” kusho uMatjeng.

Uqhubeke wachaza wathi wayesaba ukuthi lezi zinkokhelo zizovela njengentshontsho ngenxa yesivumelwano sakhe neSAPS.

Akaze alibone elibi kwincazelo yakhe (Matlala) yingakho kwaba lula ukuyamukela nokumkholwa.

Ugcine esecula elinye iculo ethi akaze azithola izinkokhelo ezingango R100 000 ngoba uMatlala wayekweleta lesi silaha uR300 000.

Le nkulumo yakhe iyaphikisana nemiyalezo evela kuWhatsApp eqinisekisa ukuthi wayithola imali.

Abahlaziyi bobufakazi uPooe noBaloyi baveze izinkokhelo ezenzeke ngoJanuary, March nango April 2025, zonke lezi zinyanga bekungena uR100 000.

UKhomishane uvele wayifunda ivaliwe esola ukuthi le nkokhelo ihlangene nalesi sivumelwano seMedicare noMatlala.

UKhumalo wexwayise ngokuthi umphathi wesilaha angase ebizwe ezofakaza.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button