Izindaba

Imindeni osizini lwabagwinywa yimayini eminyakeni (10)

Sindiswa Nxumalo 

Umunyu kubungazwa iminyaka eyishumi selokhu kwenzeka inhlekelele yengozi eLily Mine neyadlula nabantu abathathu.

Ngonyaka ka-2016 kwehla ifu elimnyama kule mayini mhla kugubheka umgodi wale mayini kwagwinyeka isiqukathi (container) esinabantu abathathu.

Izisulu ezagwinywa yile mayini uYvone Mnisi, Pretty Nkambule kanye noSolomon Nyirenda.

Kuze kube namuhla imindeni yezisulu ayikaze ibuthole ubulungiswa futhi ayikaze ikwazi nokufihla ithambo lothandiweyo babo.

Kuvuka uhlemvane nomunyu nje emndenini yingoba lwavele lwagxotshwa ngezinyawo lolu daba yize bengakabutholi ubulungiswa.

Kanti nethemba lokuthola othandiweyo babo selaphela kwazise nohulumeni usonge izandla.

Okunye okudumazayo wukuthi sekunomdonsiswano wosomanhizinisi abahlukene mayelana nokuvulwa kwale ndawo ukuze kukhishwe abantu.

“Akuyona imali inkinga, inkinga umdonsiswano wokuthi le mayini izoba segameni likabani,” kusho uMathunjwa umphathi wezinyunyana yezimayini.

Uqhubeke wathi into ephambili imali, abanendaba nezimpilo zabantu.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button