Usesibhedlela uBig Zulu osinde engozini yemoto
Liyah Mseleku
ISITEBELA somculo iNkabi Records sicela umkhuleko kulandela ukubandakanyeka komphathi wayo uBig Zulu engozini yemoto.
UBig Zulu ubehamba ngenye yezimoto zakhe ayikhonze kakhulu iBMW eboqoke yaphela kuyabonakala ukuthi ibingingqika izikhawu.
Ngokwe Nkabi Records le ngozi yenzeke ngeSonto ebusuku nokho iminingwane egcwele ibingakadalulwa.
Nokho kuthiwa usesimweni esigculisayo esibhedlela esise Alberton eGauteng lo mculi wase Bergville.
UXowla uthumele amazwi enduduzo kuBig Zulu.
“Phuma kulowo mbhede sibangene mkhulu, ukufa kugejile futhi,” ubhale kanje.

Kwenzeka le ngozi nje bekusaphele amasonto amabili umculi ongaphansi kweNkabi Records uXowla esinde ngokulambisa naye engozini yemoto.
Izithombe zonyanyavu leBMW 4 series emhlophe asanda kuyithenga ngonyaka odlule zivela iphelile ngaphambili.
Ngaphambi kokuthi ishayise imoto yakhe yphaphalaza yaphuma emgaqweni yase iyozithela esihlahleni.
UXowla wathola imihuzuko kwathi uDJ ayebehamba naye waphuma engenamyocu.
“Izindaba ezithinta thina zigijima ukudlula izingoma esizikhiphayo, kodwa ke kulungile ngoba ngisaphila, ngingathenga enye. Impilo beyingeke ibuye, nansi imusic video yami entsha,” ubhale kanje uXowla emva kwale ngozi.
Wamnika amazwi enduduzo uBig Zulu wathi akaqine konke kuzodlula.
“Khululeka mfana impilo eka nkulunkulu, imoto eyasemhlabeni. Qina konke kuzolunga ngeke wazi ukuth ukuze kulimale imoto beyivikani siyabonga ukuthi uphephile ungumfana omncane okhuthele. Kuningi osazokwenza asambe kumusic camp siyo kwenza into oyithandayo, usukhohliwe yini? Asibangene Stallion uthando lunye,” kududuza uBig Zulu.