Usacanasa umfundi ogwazwe wabulula omunye kwaMakhutha
Sane Mseleku
UMPHAKATHI wakwaMakhutha, eningizimu yeTheku, udinwe ugane unwabu, ngesehlakalo esenzeke ngoLwesihlanu emagcekeni esikole.
NgoMsombuluko unkanise emasangweni esikole egxoba itoyotoyi efuna ubulungiswa.
NgoLwesihlanu umfana ofunda ugrade-9 kwaMakhutha Comprehensive High school, ugwazwe wabulala uKwanele Cele (17).
Lokhu kwenzeke ngesikhathi umfundi waka grade-12 obengabhali, ehlasela umfundi waka grade-9, wamugwaza ephindelela washonela lapho eskoleni.
USfiso Nzama ohola umphakathi, uthe labafundi bobabili babe nengxabano.
Kuzwakale ukuthi labafundi kade bexabene, waze wamsongela lomunye, nebala wamhlasela, lokhu kwenzeke phakathi kwabafundi nothisha.
“Silapha eskoleni sifuna izimpendulo kunogada. Umfundi angangena kanjani emagcekeni esikole ephethe isikhali, abulale umfundi bese eyabaleka endaweni yesigameko? Sike safika eskoleni sizoxwayisa abafundi ngobugebengi nokuphatha uzikhali, sizama ukunciphisa ubugebengu. Sidinga izimpendulo,” kusho uNzama.
Okhulumela abezemfundo kwaZulu-Natal uMuzi Mahlambi, unxenxa ukuboshwa ngomfundi kagrade-12 ngokushesha ngoba kubikwa ukuthi usacanasa.
“Umfundi usacanasa ugcwele amathafa akakaboshwa, ngokuzwa kwethu. Umphakathi ugcwele ngaphandle uyabhikisha ufuna izimpendulo, kodwa kumele baqonde ukuthi akulona iphutha lesikole. Ibhadi nje elenzeke emagcekeni esikole, kwazise nezingane zibhala izivivinyo zokuphela konyaka. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubopha lesigila mkhuba ngokusheshe,” kanaba uMhlambi.