URamaphosa ufuna kuvalwe izipaza
INHLANGANO i-The Institute of Chartered Entrepreneurs (IoCE) isiveze ukungagculiseki emva kokuba uMongameli uCyril Ramaphosa ememezele ukuthi abanikazi bezipaza kumele bebhalise amabhizinisi abo ngaphambi kwezinsuku eziwu-21.
Le nhlangano ithe kumele kube khona okwenziwayo ukuze kuvikelwe ezinye izingozi ezingenzeka ikakhulukazi ukushona kwezingane ngenxa yokudla okunoshevu.
Enkulumeni yakhe ayethule ngoLwesihlanu mayenala nokushona kwezingane, uRamaphosa uthe zonke izipaza kanye nezinye izindawo ezidayisa ukudla kumele zibhaliswe koMasipala babo ngaphambi kwezinsuku eziwu-21.
Izitolo ezingazo bhaliswe ngaphambi kwezinsuku eziwu-21 futhi ezingekho ezimweni ezikhahle zizovalwa,” kusho uRamaphosa.
I-IoCE ithe iyazwelana nabazali abashonelwa izingane, kodwa uhulumani akenzi ngokwanele ukuthi angenelele kulesi sihlava esenzekile.
Le nhlangano ithe uhwebo lasemalokishini ikakhulukazi izipaza ziwusizo olokhulu kwinqwaba yabantu emphakathini edla imbuya ngothi.
“Kumele senze isiqiniseko sokuthi ngeke kuphinde kwenzeke lokhu okwenzekile,” kusho uRamaphosa. Inhlangano i-IoCE ithe abanikazi bezitolo abaningi badayisa izimpahla ezingeko ezimweni ezikahle futhi ababona abanikazi bezotolo kodwa baziqashile.
Le nhlangano ithe uhulumani bekumele axhumane nesinhlaka ezifanele ezazi kahle ngokuphathwa kwamabhizinisi, nososiyeshini abazi kabanzi ngokudla kanye nabaholi bemiphakathi ngaphambi kokuba benze isimemezelo, kusho inhlangano.
Iphinde yathi akukho okucacile mayelana nokuthi osomabhizinisi bazoxhumana nayiphi iminyango koMasipala ukuze bathole usizo olufanele.