Kuboshwe owesilisa obanjwe edlwengula otakalani
KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala ngecala ngokudlwengula amantombazanyane amabili eLimpopo.
Lo mlisa oboshwe emva kokuba ethathe amantombazanyane amabili ena-3 nena-4 iminyaka.
Ubonwe umama wentombazane eyodwa ewathatha eya nawo ehlathini, wabalandela wamfica endlwengula eyodwa yawo.
Lomshophi wenzeke endaweni yaseMafukane ngaphandle kweThohoyandou, eLimpopo.
Okhulumela abezenhlalakahle uJoshua Kwapa, ubike ukuthi ngemuva kokuthi umama ebalandelile, zithathiwe izingane zayiswa emtholampilo lapho kufikwe kwagcizelelwa khona ukuthi izingane zidlwenguliwe.
UKwapa ubike ukuthi uMEC, Florence Radzilani uthe kubuhlungu kakhulu okwenzeka kulesi sifundazwe. Uzwakalise ukungakhululeki kwakhe ngenxa yezigameko futhi ezithinta abantwana.
“Isibalo sokunukubezwa kwezingane sinyanyuka kakhulu, lokhu okungamukelekile. Emasontweni ambalwa edlule kwabikwa isigameko esithi asifane nalesi kulesi fundazwe.
“Sekwiyisikhathi sokuthi abesilisa basukume, bazame ukulwisana nale nkinga. Kumele baphumele obala bakhiphe lezi gilamkhuba, okukhulu kakhulu ukuthi bavikele izingane nabesifazabe ekunukubezweni, nakunoma iyiphi indlela abahlukumezeka ngayo,” kusho uRudzani.