Ishiye kukhalwa inhlekelele yengozi eThekwini
Musa Mkhize
ITHIMBA labosizo oluphuthumayo i-ALS Paramedics belimatasa ekuseni lihlenga abantu engozini enyantisa ingazi emgwaqene u-Old Dutch ngaku Warwick Avenue enkabeni yedolobha iTheku.
I-ALS ifike yathola ukuthi kushayisane iloli, ibhasi, izimoto ezimbili kanye namatekisi amathathu lapho kusale khona kulimele inqwaba yabantu.
Abantu abayishumi nambili abathole ukulimala kanye nemihuzuko. Emva kokuthola usizo lokulashwa endaweni yesigameko bonke abalimele bathuthelwe ezibhedlela ezihlukene zaseThekwini ukuze bathole usizo abaludingayo.
Kube nokuphazamiseka kukuhamba kwezimoto ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bekhuculula endaweni yesigameko.
Okwamanje ayaziwa imbangela yale ngozi, amaphoyisa e-SAPS kanye namaphoyisa omkhandlu weTheku asaphenya imbangela.
Khonamanjalo sibondwe sayekwa emgwaqeni owuthela wayeka uN3 oku-Pietermaritzburg Bound eduze kwase-Cliffdale isinsukwini izimbili ezidlule, lapho iloli kanye nezimoto ezine kube yizona ezibe imbangela yengozi.
Abantu abayisishagalolunye bathole ukulimala. Abezimo eziphuthumayo kwa-ALS babahlengele endaweni yesigameko ngaphambi kokuba bethuthelwe ezibhedlela ezihlukene zaseThekwini naseMgungundlovu ukuze bathole ukusizakala.
Kusokala ukuthi iloli liphaphalazile lashayisa izimoto ezihamba zibheke eMgungundlovu, amaphoyisa ezomgwaqo akwa-RTI kanye nawe SAPS abekhona endaweni yesigameko futhi asenza uphenyo mayelana nembangela yengozi.
Umgwaqo uN3 ku-Pietermaritzburg Bound ubuvaliwe ngesikhathi abezinhlekelele bekuculula umgwaqo. Abashayeli bezimoto baxwayiswe ukuba bahambe ngeminye imizila yomgwaqo kuze kuqedwe ukukhuculula umgwaqo.