Izindaba

Siyagonyuluka iSilo ngowesifazane owayeziphonsa kuso

SIGONYULIKILE iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sihambele inkonzo yebandla lakwaShembe ebisesigodlweni eNyokeni, kwaNongoma, ngoMgqibelo.

ISilo sigonyuluke ngentombazane ebilwa namaphoyisa ifuna ukoziphosa kuso emcimbini obuse King Shaka Airport ngesonto eledlule.

IPurpose yabika ngalolu daba lowesifazane elowesifazane oneminyaka ephakathi kwa-30 otshele amaphoyisa ukuthi ufuna ukukhuluma ‘nendoda yakhe’ lapho bekuhleli khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini noMongameli uCyril Ramaphosa.

Lo wesifazane wakwenza lokhu emcimbini wokumbulwa komfunziselo (isithombe) senkosi yamaZulu eseyakhothama uShaka kaSenzangakhona, eThekwini ngesonto eledlule.

Kwadaleka isixakaxaka phakathi kwabaqaphi abagade iSilo kanye noMengameli, ngesikhathi lo wesifazane elwa efuna ukungena ngodli endaweni yezicukuthane

Emuva kwalesi gameko kuningi ukukhuluma okusuke ezinkundleni zokuxhumana nasemazikweni ezindaba kuqagulwa ukuthi ungubani lona wesifazane.

Enkulumeni yeSilo sithe sifuna ukulukhuluma lolu daba ukuze kudlulwe kulona. “Ngicela ukuba ngikucacise lokhu, akusiyo intombi yami. Kodwa ngicela ukuba ngisho, ngiyiNkosi yeqiniso. Ingakho kuthiwa ngiwumlomo ongathethi manga.

“Intombazane, umntanabantu, ngiyayazi. Akusiyo intombi yami kodwa ngiyayazi. Ngazi ngisho usizi lwayo. Yayisizoziphosa eNkosini yayo ngoba isenkingeni yangempela. Ngikhonela kokho-ke mina Zulu omnyama, ukuthi nginisize manisezinkingeni. Ngizonisizake ngoba ngiyakholwa mina. Ngiyinkosi yesizwe, ingumuntu wami ngokuthi ingaphansi…ingumZulu”, kusho iSilo.

Sithe siyamazi lona wesifazane ukuthi ungowakwaNgcobo, sabe sesithi sizokhuluma neNkosi yakwaNgcobo ukuthi akasizwe ngoba usenkingeni enkulu. Sibe sesiveza ukuthi lona wesifazane uyintombi yalaba abasiphikisa esihlaweni.

Related Articles

Back to top button