Izindaba

Akaboshiwe owesifazane obanjwe edlwengula indodana yakhe (11)

Bahle Mkhize

ASASHAQEKILE amalunga omphakathi waseBhongonoma, kwaNongoma, kulandela ukuvela kwezindaba zowesifazane okuthiwa udlwengula indodana yakhe eneminyaka engu-11 ubudala.

Esigamekweni sakamuva kuthiwa uqede ukunukubeza indodana yakhe wase eyidlisa amaphilisi ezama ukuyibulala kanye nenye ingane ayizalayo.

Nokho umfanyana ugcine ngokululama esibhedlela wase eyohlaliswa kuyise kwathi omunye umntwana wentombazane wathathwa wayiswa kohlaliswa nogogo.

Abasondelene nalolu daba bathi lo wesifazane ubesejwayele ukuwugila lo mkhuba futhi kungazi muntu.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi kwaZulu-Natal uMnuz Thuba Vilane uthe bathumele ithimba ngesonto eledlule ukuyobheka isimo.

“Abezenhlalakahle bazophinde bahambele izingane ngokwehlulana ukuyohlola isimo lapho zikhosele khona. Banamandla futhi okuzithatha bazigcine ngokwabo uma bengagculisekile ngokuphepha kwazo,” usho kanje.

Icala alikavulwa kodwa uthe uVulane uMnyango wakhe uzosebenzisana nonhlalakahle ukuvulela lo wesifazane amacala.

IPurpose ihoshe umoya wokuthi emndenini kukhona owakhombisa ukudonsa izinyawo uma kukhulunywa eyokuvulwa kwecala.

Ilungu lomndeni lithe basola izidakamizwa njengomnyombo wale nkinga umndeni okuyona.

“Kubuhlungu kakhulu ukuthi umuntu angenza into enjena enganeni yakhe. Namanje njengomndeni simangele yilento ayenzile enganeni,” usho kanjena.

I-Action SA ihambele kuwona umndeni. UMnuz Zwakele Mncwango uthe bafisa ukubona umndeni uthola usizo oluphuthumayo oluvela kuMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi esifundazweni.

Related Articles

Back to top button