Izindaba

Uzovela eNkantolo owesilisa obulale umndeni wakhe

Sane Mseleku

KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-33 kulandela ukubulala abazali bakhe kanye nodadewabo, ngoLwesihlanu ebusuku eShaleng Village e-Taung, North West.

Umndeni wabe uzihlalele emkhukhwini wabo ngesikhathi kutheleka umsolwa, egqema ubaba wakhe uMosimanegape Kale (74) ngewisa ekhanda.

Amanye amalunga omndeni aphume ngewindi aya komakhelwane ukuyofuna usizo.

Umsolwa uphinde wagqema umama wakhe Phodisho Kale (68) kanye nodadewabo Bonolo Kale (27) wabaphohloza amakhanda ngesagila. Wabe eseyabaleka endaweni yesigameko. Abosizo lokuqala babiziwe baphuthuma, babika ukushona kwabo bobathathu endaweni yesigameko.

 

“Ngosizo lomphakthi, sikwazile ukuthola umsolwa ngokusheshe eShaleng Village ngoMgqibelo ekuseni ngabo- 6:00, lapho wafika waboshwa khona,” kusho okhulumela amaphoyisa uCol Adele Myburgh.

Umlisa obekwe amacala amathathu okubulala, ulindeleke ukuthi avele eNkantolo ngoMsombuluko.

Khonamanjalo ibhungu (18) eladlwengula labulala ingane ena-2 ngonyaka odlule eyabe ivakashele ugogo newele lalo e-Uitkomst farm kwaNojoli ligwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngokubulala nengu- 22 yokudlwengula.

Related Articles

Back to top button