Impi yomlingisi nobeshade naye ifike ePolice station
Sane Mseleku
UPHUME ngembobo yenaliti umlingisi wakuleli uSello Maake kaNcube ngesikhathi lowo abeshade naye emvulela icala ngoMgqibelo e-Orlando Police station.
Elinye lamacala ethweswe wona uSelllo ukuthi wathelela uMbewe ngesifo esithathelanayo.
Ngesikhathi efika esteshini samaphoyisa USello ubone ukuthi ubhekene nenqwaba yamacala wafike naye wavulela uMbewe icala lokumshaya.
Emva kwalokho, bobabili kuphoqeleke ukuthi bawahoxise amacala, ukuze bangalali esitokisini.
Ngokwe Sunday World, isitatimende siveza ukuthi uSello akazange aphumele obala ngesimo sempilo yakhe. UMbewe uphinde wabika ukuthi uSello unodlame futhi unolaka.
“Ngidinga uphenyo olubanzi, kulolu daba,” kusho uMbewe. Uveze nokuthi usemshaye izikhathi eziningi aze amkinye. Uthe wamshaya nasekhaya kubo eDube ngoMashi 29 emva kokuhilizisana.
“Useke wangishaya ngisho phambili komshana wakhe uNeo Kotoane engihudula phansi, engikinya. Ingane yaze yamncenga ukuthi akangiyeke ngoba lento ayenzayo iyayihlukumeza. Kodwa akazange alalele waqhubeka”
“Ngelinye ilanga sikwelinye lamahhotela e- Eastern Cape wangishaya wangilahla phansi, ngalimazwa ukhaphethi, kwasala isibazi sempilo yami yonke,” kusho uMbewe.
Uveze nokuthi emva kokugqimuzwa ehhotela, washaya imoto yakhe yazula waphinde eGoli wamushiya lapho, wavuka ngakusasa wagoduka.
“Uzama ukudicilela igama lami phansi, ehlise nesithunzi sami. Useke washo phambilini ukuthi uzongcolisa igama lami alihudulele phansi. Yikho nje ngafaka isicelo sokuvikela enkantolo,” kusho uSello.
Uma kukhulunya noMbewe uthe: Uhoxise amacala ngenxa yokuthi amaphoyisa atotosa uSello.
Okhulumela amaphoyisa iNPA South Gauteng uPhindi Mjonondwane, uqinisekisile ukubakhona kwamacala, kodwa awakadluliselwa enkantolo.