Igidigidi umlingisi weGenerations eshayela itekisi
Sane Mseleku
UMLINGISI osezakhele udumo nothandwayo ngabantu, umangaze abaningi ngomsebenzi wakhe oseceleni awenzayo.
URonnie Nyakale odume ngelika Cosmo kwiGenerations: The Legacy, ujabulise abaningi ngomsebenzi wakhe oseceleni ukuba umshayeli kaBolt.
Abalandeli bajabule kakhulu ukubona lomlingisi emuva kwesteringi.
Ukwenza lo msebenzi eceleni, kuveze ukuthi abalingisi abaningi nabo banayo inkinga yezimali njengabo bonke abantu. Osondelene naye uveze ukuthi uqale lomsebenzi ngenxa yokwenza yokufuna ukwenza imali eceleni.
Lokhu kube isifundo sokuthi udumo alisho ukuba nemali eningi.
Kuyachwaza kwizinkundla zokuxhumana, abalandeli bezwakalisa ukumjabulela nokumuncoma ngomsebenzi wesibili awenzayo uNyakale. Abaningi bajabuliswa isibindi sakhe sokungazi khukhumezi, kodwa abanye badumele ngokuthi umlingisi oseqophelweni eliphezulu angenza lo msebenzi.
Lezi zinkulumo ziphinde zavusa nokubaluleka kokuseka amakhono akuleli, nobunzima bokuthembela emholweni owodwa.
UNyakale ubengakaphawuli ngalolu daba kodwa, ukwenza kwakhe kusho lukhulu, kuvela isayidi lakhe elithandekayo. Ukushayelela uBolt kuveze ukuthi emuva kodumo kukhona izinkinga zemali kunanoma ubani.