Izindaba

Lihlehlile elabasolwa abashuthwa beqhumisa izibhamu kwaMashu

Sane Mseleku

BABUYELA eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoNovemba 25 abasolwa abathathu ababhekene noxhaxha lwamacala.

Labasolwa baboshwe emva kokuba babonakale kwivideo esabalele kwizinkundla zokuxhumana, bekhipha izibhamu bedubula noma ikanjani ehostela kwaMashu.

Okhulumela iNPA Kwazulu Natal uNatasha Ramkisson-Kara uthe: “Amadoda amathathu avele eNkantolo yaseNtuzuma ngoxhaxha lwamacala okubulala ukubamba inkunzi namanye. Lezi zigameko zenzeke phakathi kuka Febhuwari no-Okthoba kulo nyaka kwaMashu,” usho kanje.

Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi ukuhlonzwa  kwabo kuzokwenzeka ngoLwesine.

Iqala lenyanga amadoda amabili adubulana namaphoyisa, afela khona lapho endaweni yesigameko ngesikhathi elandelwa amaphoyisa.

Kwenzeka lokho emuva kokulunywa indlebe kwathiwa awaqaphe kwazise kwase kuzwakele ukuthi bahlela ukuyohlasela usomatekisi waseMahlabathini kwaZulu-Natal.

Amaphoyisa axwayiswa ngamadoda athunywe ukuyobulala usomatekisi. Nebala alandela umkhondo, abathola. Abasolwa baphuma emotweni badedela intululwane yezinhlamvu ebheke emaphoyiseni. Amaphoyisa abuyisela ngayo, lamadoda afela lapho. Kwatholakala izibhamu nezinhlamvu kubasolwa.

Related Articles

Back to top button