Izindaba

Ilungiswe ngezigidi zamarandi iHowick Falls

Musa Mkhize

UMGUNGUNDLOVU Economic Development Agency (UMEDA) wethule ngokusemthethweni umsebenzi owenziwe ukuthuthukisa impophoma ebizwa nge-Howick Falls, engenye yezindawo eyisizinda sezokuvakasha esifundazweni ikwaZulu-Natal ngaphansi kwaMasipala uMngeni.

Le ndawo eyethulwe kabusha emphakathini ngoMsombuluko ilungisiwe kabusha kwakhiwa izindawo zokosa inyama, yakhonkwa phansi ukuze kube lula ukuhamba kuyona.

Kuphinde kwakhiwa nezindlwana zabadayisi ukuze bakwazi ukusebenza noma ngabe sinjani isimo sezulu, yase iyabiywa ukuvimba ukuthi kungangeni noma ubani noma ingasiphi isikhathi, abangena ngaphakathi bangene ngendlela eqondile.

UMnuz James Martin ongusihlalo we-UMEDA uncome zonke izinhlaka abasebenzisane nazo ukuze lomsebenzi ube impumelelo.

“Lena impophoma engajwayelekile ngoba ingaphakathi edolobheni ilokho okwenza izivakashi ziyithande kakhulu. Njengoba sesiyilungisile sizimisele ukuheha izivakashi eziqhamuka emazweni ahlukene. Lesi isigaba sokuqala sokulungiswa kwale ndawo, sisebenzise imali eyizigidi ezinhlanu zamarandi ukuyilungisa. Sihlele ukuthi kushaya isikhathi samaholidi isikulungele ukuthi yamukele izivakashi,” kusho uMartin.

Le ndawo ibingasekho ematheni ngenxa yokuthi ibisihlala abantu abangenawo amakhaya. Kodwe i-UMEDA ukuqinisekile ukuthi kusukela manje isizokwazi ukuheha izivakashi ukuze umnotho waKwaZulu-Natali udlondlobale.

Related Articles

Back to top button