UPrince Mabheka ezinhlelweni zokugubha usuku lokuzalwa kweSilo
USOMABHIZINISI osondelene kakhulu nendlu yobukhosi bakwaZulu, uPrince Mabheka Zulu, ukhumbule iSilo esibuzile uZwelithini kaBhekuzulu.
Kule nyanga Imbube ibizobe igubha iminyaka engu-76 yazalwa.
UMdlokombane, wabusa kusukela ngomhla ka-17 Septhemba 1968 wakhothama ngo-12 Mashi 2021, exinwa ukugula esesibhedlela eThekwini.
UMabheka Zulu utshele iPurpose ukuthi wafunda lukhulu kwiSilo.
“Namhlanje ngiphakamisa ukuhlonipha kwami iNkosi ephile nathi isikhathi eside. INkosi eyaqhakambisa ubumbano kubantu. Kulo nyaka sizohlonipha uNgangezwelakhe ngokusungula ama Busts (imifanekiso yekhanda lomuntu) awu 50. Le mifanekiso izofaniswa nethemba kubantu baseNingizimu Afrika.
Sizoyifaka ezikhungweni ezahlukene okubalwa kuzo ezemfundo, ezempilo, kuma museum nasezindaweni ezivulelekile. Sizosebenzisana neminyango kahulumeni eyehlukene uma sesiphusha lo msebenzi. Ngikholwa ukuthi ukuhlangana kwami noMdlokombana kwagcotshwa emazulwini uNkulunkulu. Ziningi izinhlelo ezifana nokuqeda ububha ezindaweni zasemakhaya nokuhlanganisa izinhlanga ezahlukene esizenzile neNkosi. Inhliziyo yami ibuhlungu njengoba kubuye kufike emqondweni ukuthi kambe akasekho nathi lapha emhlabeni. Ikakhulukazi njengoba izwe lethu lithwele
ubunzima obunjena.
UNgangezwelakhe wayehlale eseqhulwini emisebenzini yeSivananda World Peace Foundation. Ukuzisondeza kwakhe kule Foundation kwasiza kakhulu njengoba kwayibusisa ngobuhlakani bakhe. Sizomkhumbula futhi nangokukhuphula umnotho waKwaZulu-Natal, ukushumayelo ukuthula kubantu bakuleli nasemhlabeni jikelele nokulwa nokubhebhetheka kwesandulela ngculazi. Ngebhadi ukuvumbuka kweCovid 19 kwasibulala njengoba kwasephuca iNkosi yethu.
Kule minyaka engu-30 ngisebenzisana neNkosi ngimbonile efuqa imikhankaso yokuthi abantu abangene emkhakheni wokutshala ebuye akhuthaze intsha ukuthi isithande isikole. Ngithi sengathi umoya wakho omuhle ungaqhubeka ulale ngokuthula,” usho kanje.