
Isililo abaculi befa engozini yemoto enyantisa igazi
Bahle Mkhize
SIKHULU isililo endimeni yezokungcebeleka kulandela ukufa kuka Bokang Moleli obedume ngoMalome Vector engozini yemoto.
NgoLwesithathu ebusuku kulalwe kukhulunywa le ndaba yalo mculi odabuka eLosotho kodwa ozakhele udumo eMzansi.
Le ngozi enyantisa igazi yenzeke emgaqweni uN8 ubheke eFree State.
Omunye umculi oseyivukane obekule moto oshonile uLizwi Wokuqala kanti noPuleng Phoofolo akasindanga.
ULizwi Wokuqala ushona nje ubesanda kukhipha umucu ngesonto eledlule ngaphansi kwenkampani entsha kaMalume Victor obephinde abe umngani wakhe.
Ezinkundleni zokuxhumana uNelly Khumalo uthe akudleki nokudla futhi akulaleki. UBusani yena uthe: “Ngiyezwa nilokhu nithi “Vector” kodwa uLizwi Wokuqala ushone ngisamdinga emculweni wahamba umfana engakaliqedi Ibanga lakhe, kodwa nkos’yami Lizwi”
UMalome Vector uke wasayinwa i-Ambitouz Entertainment ngo-2020 wagcina enyulile kanti udume ngezingoma okubalwa iDumelang nethi Nobody.
Umndeni kaMalome Victor ulindeleke ukuthi ukhikhe isitatimende namuhla.
Ezinkundleni zokuxhumana bese kukhona ukudideka njengoba abanye bebephambanisa noNtate Stunna wodumo lwengoma iStimela, nokho yena usadla anhlamvana.