Izindaba

Simuncu isimo e-Adams College umfundi ezikhungela emagcekeni

Sane Mseleku

SIMUNCU isimo esikoleni esinomlando omude wokukhiqiza osopolitiki abahlonishwayo emhlabeni i-Adams College, ogwini oluseningizimu yeTheku.

Lokhu kulandela ukuthi umfundi uSiyamthanda Shinga (14) obefunda ugrade 8 ezikhungile wafa ngoMsombuluko ebusuku.

Abafundi bakhishwe singakashayi isikhathi sokuphuma ngoLwesibili.

USiyamthanda ubehlala ngaphakathi ehostela njengoba lesi sikole sinendawo yokuhlala  abafundi ngaphakathi.

Kuthiwa umufi ubatshelile asondelene nabo ngoMsombuluko ukuthi uzozibulala, kodwa bamphikisa nebala bavuka sekukhalwa ubumayemaye.

“Impela sivuke umfundi kuthiwa usezibulele, okuyisimo esisithusile. Sikwazile nokho ukukhuluma nabafundi, akuphazamisekanga ukufunda siqhubekile noma kunjalo,” kuphawula omunye wothisha ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

IPurpose ithole ukuthi abafundi baphuthume konogada okuyibo abafike kuqala.

Kuthiwa bathole incwadi encane esho imbangela yokuzibulala kwakhe, noma ingadalulwanga kodwa amahlebezi athi imbangela umndeni.

Umfundi wakulesi sikole uthe isimo sibe muncu abanye babo bagodukiswa.

“Isimo besingesihle kuzwakala nasegazini ukuthi kufiwe. Kusolakala ukuthi kukhona amagama ayiziswana nokusolakala ukuthi yiwo abe nomthelela wokuzikhunga kwakhe. Kuphinde kwavela ukuthi inkinga ibisekhaya, sekukhulunywa izinto eziningi” kuphawula omunye umfundi esiligodlile igama lakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko.

“Amaphoyisa akwaMakhutha avule idokodo kulandela isigameko lapho khona umfanyana (14) etholakale ezilengisile esikoleni e-Adams ngoLwesibili,” usho kanje.

Akusona isigameko sokuqala esifuze lesi, ngo-2018 khona omunye owaficwa elenga kuyiSonto esebanda qa.

UMnyango wezemfundo uthintiwe ukuthi uphawule kodwa awukathi vu.

Related Articles

Back to top button