Izindaba

Ubumayemaye eNanda amaphoyisa ebulala abasolwa abathathu 

ABASOLWA abathathu abebefunwa uthuli amaphoyisa ngamacala okubulala bagqoklozwe ngenhlamvu abakwasidlodlo izolo ntambama bafa.

Lesi sigameko senzeke eCongo, eNanda.

Okhumulema  amaphoyisa  uColonel Robert Netshiunda uthe la madoda abefunwa phansi phezulu njengoba kunoxhaxha lwamacala abekumele bawaphendule.

Phakathi kwawo elokubulala usayitsheni emaphoyiseni ngonyaka odlule.

Ngokusho kwaColonel amaphoyisa alandele umkhondo ogcine ubaholela kuNombonjani Mtshali Road.

Ngesikhathi amaphoyisa etheleka kule ndawo abasolwa ababuzanga elangeni badubula bebhekise kuwo, nawo aphindisela.

“Emuva kokuthi zigagazisane ngenganono abasolwa abathathu basale enkundleni . Umsolwa oyedwa uphume ngembobo yenaliti wayongena endaweni emnyama ebaleka. Kumanje siyamthungatha lo msolwa,” kusho uNetshiunda.

Labasolwa ababulewe kukholakala ukuthi yibo ababesekhaleni kusocongwa ilunga laKwaMashu Tracking Team elaphucwa isibhamu ladutshulwa ngaso ngoJuni nyakenye.

Amanye amacala abalumbaniswa nawo kubalwa okubulawa kwabantu ababili khona eNanda ngoJanuwari namanye okubulala abikwa ngo-2021  no-2023.

Sesingaphezulu kwabantu abangu-30 isibalo sabasolwa abafa bedubulana namaphoyisa.

Lezi zibalo zikhishwe uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ngoLwesihlanu eThekwini ebize isithangami sabezindaba.

“Lezi bekuyozigebengu ezingenanembeza ezatholakala nezibhamu, ezinye imijojantaba, Kubalulekile ukuthi amaphoyisa abophe  abasolwa ukuze bazoshushiswa. Noma kunjalo abasolwa ayawadubula amaphoyisa ebeka impilo yawo engcupheni. Ngaleyo ndlela kuyaphoqeleka ukuthi amaphoyisa azivikele kanjalo nomphakathi,” kusho uMkhwanazi.

 

Related Articles

Back to top button