IKaizer Chiefs iphunyukwe iqatha emlonyeni ibhala icisha
IKAIZER CHIEFS iphunyukwe ithuba eliyingqayizivele lokusayina uSphephelo Sithole.
Lokhu kudalulwe imenenja yalo mdlali uManuel Tomas, oveze ukuthi leli qembu laseNaturena belibhala licisha kwaqhamuka abangacucuzi.
USithole usegcine esayine kwiGil Vicente okuqinisekiswe ngoMsombuluko.
Lokhu kusho ukuthi usephinde wahlangana nomqeqeshi wakhe uTozé Marreco oke wasebenza naye kwiTondela.
Lo mdlali ogijima kwiBafana Bafana ujoyine iGil Vicente ngokubolekiswa, kanti leli qembu linombandela wokumsayina ngokugcwele uma lifuna ekupheleni kwesizini.
USithole udlale imidlalo engu-27 kuyo yonke imiqhudelwano kwiTondela ngesizini edlule, washaya amagoli amabili.
“Umnyakazo wenzeke ngokushesha,” kusho uTomas kwiSportswire.
“Besixoxisana neKaizer Chiefs (ngokuthi iboleke lomdlali), kodwa ayizange isithumelele isicelo esisemthethweni.
“Sibazisile ukuthi kuyaphuthuma ngenxa yokuqala kwamalungiselelo esizini ezayo futhi saphothula isivumelwano neGil Vicente emahoreni ambalwa.
“Asikwazanga ukulinda, njengoba iGil Vicente isinikeze amahora amabili nje ukuthi sinqume.
“Besingeke silindele inqubo ende yeChiefs. Ngeshwa ebholeni isikhathi sibalulekile.”
USithole ube ngomunye wabadlali abagqamile kwiBafana Bafana ebidlala kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni kwalo nyaka.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uyidlale yonke imidlalo eyisikhombisa ngesikhathi iBafana Bafana igcina iqede endaweni yesithathu.
Uphinde wadlala yonke imizuzu engu-90 kuyo yomibili ibambana ngo 1-1 bedlala neNigeria nokunqoba iZimbabwe ngo 3-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngoJuni.
“Kulo mqeqeshi, uSithole uzoqhubeka nokudlala ibhola elifana neleqembu lesizwe,” kwengeza uTomas.
Lapho ebuzwa ngamathuba okuthi isivumelwano semalimboleko sibe unomphela, uTomas wazwakalisa ithemba.
“Amathuba maningi. Kodwa-ke, sizoyithatha usuku nosuku, njengoba ikilabhu inezimo zayo.
“Yize kungeyona ikilabhu enkulu, yiqembu elifanayo elathumela uSamuel Lino (waseBrazil) kwi-Atletico Madrid.”
Lisenethini