Ezokungcebeleka

UMenzi Ngubane encwadini engcolisa igama lakhe esefile

Liyah Mseleku

UMBHALI wezincwadi uMaureen Ndlovu owayejola nomlingisi ongasekho emhlabeni uMenzi Ngubane ubhale incwadi echaza lo mlingisi njengomhlukukezi. UMaureen ubekhuluma ohlelweni iVuka Breakfast Show oKhozini FM ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokusho kombhali wajola noMenzi kusukela ngonyaka ka-2003 ucu lagqashuka ngonyaka olandelayo.

“Incwadi ngayibhala esaphila uMenzi kodwa bekunzima ukuthi ngiyidedele ngoba bengisalwa nobuhlungu kungavumi ukuthi kuphele. Kokunye bengithi uma ngibuka ithelevishini uma kuvela yena ngikhethe ukuyicisha,” usho kanje.

Uphinde waveza ukuthi izibazi esala nazo emphefumulweni zisekhona kodwa ulwela ukuthi adlule kulobo buhlungu.

Le ncwadi esisuse umsindo kuvela ukuthi iqale ukubhalwa ngo-2012.

Unkosikazi kaMenzi uSikelelwa Ngubane uthe lezi zimpawu nezinto ezishiwo ngomyeni wakhe akazazi, futhi akaze azibone ngisho besaqala ukuthandana nomyeni wakhe.

“Kubi ukuzwa izinkulumo ezinje ekubeni emyeni wami engeke esakwazi ukuziphendulela. Ngendlela ayengazwani ngayo nendaba yokuhlukunyezwa kwabantu besifazande waze wavula ifoundation. Angisho ukuthi indaba yakhe ngiyithathela phansi, indaba yeGBV iyasihlukukeza la eMzansi ngingumuntu wesifazane futhi ngizele izingane zamantombazane. Ngangingeke ngibuyele kuyena emuva kokuthi umshado wakhe wokuqala ungasebenzanga. Ngangingeke ngingene kumuntu ozonguhlukumeza,” kuphendula uNkk Ngubane.

Ubekhuluma aze abe nesibibithwane emsakazweni kuzwkala ukuthi uphukile emoyeni. UNkk Ngubane ubekhala ngokuthi amsekho emhlabeni umyeni wakhe ukuveza uhlangothi lwakhe lodaba.

UNgubane washona ngonyaka ka-2021 kanti ulingise emidlalweni okubalwa kuyo iYizo Yizo, Ashes to Ashes, Gold Diggers, Heist nakwiGenerations lapho azakhela udumo edlala indawo kaSbusiso Dlomo.

Related Articles

Back to top button