Ezokungcebeleka

Iyindaba egudwini eyaMabhenanyawo neKhuphuka Nezakho

Basabhodla umlilo abalandeli abavuke indlobane emcimbini iKhuphuka Nezakho, obubanjelwe eThekwini, ngempelasonto, baphihliza yonke into ngoba bekhala ngokuthi iqhawe labo libanjwe ngophondo kulo mcimbi.

Besekuphele amaviki amane, uThwasa leKhansela ezihola phambili ngamavoti njengoba abalandeli bakhe bebelindele ukuthi iqhawe labo lizokhala lemuke nesamba sika R100 000 esibekiwe.

Ngokubika kweNgede Online kuthe nangoLwesine ngesikhathi sekuvezwa uhla lokugcina kwavela ukuthi lo mculi usaqhubeka nokuba seqhulwini eshiya ngemuva abaculi abafana nentandokazi kulezi nsuku emculweni kamaskandi, okungu Gatsheni.

Kuthe sekuqhubeka umcimbi Ithwasa leKhansela lamenyezelwa njengomculi olale endaweni yesithathu, kuyilapho ke kuqubuke olukhulu udungunyane konakala izinto.

Induna yabalandeli beThwasa leKhansela, uMnu Mlu Duma, uthi okwenzeke ngempelasonto kube ngaphezu kwamandla wabo.

UDuma uthi bavamisile ukungenela imincintiswano eyahlukene bangaphumeleli futhi kabanayo inkinga ngalokho kodwa uthi kulokhu abalandeli babona sengathi mkhulu umkhonyovu obuhleliwe.

“Kuthe ngesikhathi sekumenyezelwa ukuthi iqhawe lethu liphume indawo yesithathu, abalandeli beze kimi begijima bengibuza imibuzo nami ebengingakwazi ukuyiphendula. Phela lo mcimbi besiwuhlelele kakhulu selokhu waqala futhi abalandeli bebenza ngako konke okusemandleni bekhipha izimali zabo bethenga amathikiti.

“Amasonto amane besilokhu sihlezi phezulu futhi thina besilindele ukuthi umuntu ongase asiqumbe phansi uGatsheni ngoba nguye kulezi zinsuku ohamba phambili. “Sehluleke sancama ukubalawula abalandeli abebethukuthele ngoba bekhala ngokuthi bayaxhashazwa,” kuchaza uDuma

Kube ukuphela kwawo ke umcimbi, okube sekuzwakala ukuthi umculi othathe umklomelo ophambili nguNjoko, insizwa yaseNkandla.

UGatsheni ulale indawo yesibili nakhona kubekhona ukukhononda okukhulu kubalandeli ngoba lo mculi uhamba phambili emculweni kamaskandi kulezi zinsuku.

Namanje ezinkundleni zokuxhumana kusakhalwa ngendlela okwenzeke ngayo izinto kulo mcimbi, abantu bezwakalisa ukungeneliseki.

Related Articles

Back to top button