IDisney World e-United States of America-izogadla ngowaseBhamshela
BANZI kaMAGWAZA
ISIKHUNGO esithuthukisa amakhono ezobuciko saseThekwini iKabawo Performing Arts Academy sizobungaza impumelelo yelinye lamaciko alo eselithole ingqayizivele yethuba.
USabelo Ngema, ongomunye wabasunguli balesi sikhungo, uthi bayachichima injabulo kuthi abandize ngenxa yempumelelo kaNqobani Zuke osethole indawo yokulingisa eDisney World e-United States of America emdlalweni weshashalazi odume umhlaba wonke i-“The Lion King”.
UZuke onekhono lokucula ukhiqizwe ilesi sikhungo ngo 2022 kanti ikhono lakhe limphendlele indawo kumaproject e-Ikabawo Projects NPC lapho acula ndawonye ne-Afrosoul kwikhonsathi eyayidlalwa bukhoma eThe Playhouse ngonyaka odlule. Kuleyo khonsathi wacula ngokuhlanganyela nomrepha uBig Zulu.
Ithalente likaZuke, odabuka eBhamshela ngaseNdwedwe, lihehe neso lengwazi esanda kudlula emhlabeni uDkt Mbongeni Ngema eyamfaka kwi-EP esihloko sithi “Thina bant’abamnyama”.
Usebuya ngisho kodlala kwiSarafina yango 2022 kanti wayedlala indawo ephambili kwi-IZULU eyakhonjiswa eThe Playhouse ngo 2022. Ngawo futhi lo nyaka wabizwa emdlalweni yeshashalazi emibili kwi-Maria Maria wadlala indawo ephambili nakwi-Music in The Air The Musical.
Njengamanje uyabonakala ezikhangisweni eziningi kumabonwakude nasezinkundleni zokuxhumana. Amabombo asebheke phesheya nje, usanda kubuya khona ngomdlalo Amawethu oshiye kukhalwa eBrazil.
UNgema uthe bayathobeka ngokubona isikole sabo siqhubeka nokukhiqiza amakhono ahlukahlukene. Uthe ngesikhathi besisungula ngo 2006 noSergeant Malishe osadlula emhlabeni, inhloso yabo kwakuwukuthuthukisa amakhono nokushintsha izimpilo zamaciko asafufusa.
Ubonge bonke abafake isandla ekukhuleni kwalesi sikhungo ikakhulukazi iDurban Music School. Ngaphandle kukaZuke elinye iciko elidumile eliphekwe kulesi sikhungu nguThandeka Zulu, owaduma ngokudlala indawo ephambili kaNombuso kuZalo olukhonjiswa ku-SABC nsuku zonke. UThandeka uyilungu eliqavile kwi-Afrosoul eshaya umculo we-afro pop nedume ngamanoni Inkomo Yami, Hambékhaya nethi ngoMgqibelo.