Sizishaye zonke iSilo sicela isihlobo esihle
Aphe Gcwabe
KUYE ngamagama enkehli iSilo uMusizulu kaZwelithini ethumela abakhongi ngeSonto ukuyocela isihlobo esihle. Kubikwa ukuthi iSilo sishaye izinkoko ezibalelwa ku-15 kwaMyeni, eMakhonyeni, eJozini.
Isolezwe labika ukuthi uNomzamo Myeni, uzokuba undlunkulu.
Izindaba zokuthunyelwa kwabakhongi zimenyezelwe undunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, emhlanganweni obusesigodlweni kwaKhangelamankengane ngoLwesibili ntambama.
Kulo mhlangano kwakukhona amakhosi nabantwana baseNdlunkulu nabanye osopolitiki naso iSilo.
ISilo sicele indlunkulu ukuba isiphelezele uma abakhongi seboyosicelela ubuhlobo obuhle.
“Nina beSilo iNgonyama ithi anginazise ukuthi isithole imbali ngapha ebukhosini bakwaMyeni. Ngakho ibithi anginicele baNtwana ukuba niyiphelezele iyolobola le mbali esiyitholile yakwaMyeni,” kusho uButhelezi.
Ezinkundleni zokuxhumana, akukho okutheni okubhalwe uNksz Myeni emakhasini akhe.
Amakhasi kaNksz Myeni amathathu akwiFacebook agcwele izithombe ezindala, esokugcina esango-2021.
Uzichaza njengomsebenzi wasebhange, aphinde aveze ukuthi wafunda eMfolozi Tvet College.
Umthombo wasendlunkulu uthe sekuneminyaka iSilo sithandana noNksz Myeni.
“Ngiqale ukwazi ngothando lwabo cishe esikhathini esiyiminyaka emibili eyedlule uma ngingaphosisi. Into yabo ibifihliwe, ababaningi endlunkulu abebazi ngayo.”
Umthombo uthe iSilo siqale ukuthandana noNksz Myeni ngesikhathi esasebenzela elinye lamabhange egatsheni eliseJozini.
“Ugcine esesebenza ehhovisi leSilo, angazi kahle ukuthi ubenzani.”
ISilo sinondlunkulu ababili, uNtokozo Mayisela noNozizwe Mulela waseSwatini.
ISilo nondlunkulu uMayisela babhala ngo-2021, emva kokutshalwa kwendlovukazi ezala iSilo, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
Ngawo u-2021 iSilo sabe sesithumela abakhongi kwaMayisela, eNewcastle.
Kuthiwa iSilo salobola ngezinkomo zoboya eziyisishiyagalombili no-R50 000. Sabe sesihambisa umembeso ngo-2022.
Yize iSilo nondlunkulu uMayisela babhala ngo-2021, kwase kuneminyaka bethandana.
Bahlangana ngo-2009, emshadweni kaMntwana uBukhosibemvelo, ongudadewabo weSilo. Banabantwana ababili, uLwandle noMandulo.
Ngo-2022 iMbube yalobola undlunkulu uMulela.
Kuthiwa iSilo nondlunkulu uMulela basuka kude, njengoba kuthiwa baqala ukuthandana ngesikhathi iSilo sisafunda eSwatini.
Ngonyaka owedlule kuvele imibiko yokuthi iSilo nondlunkulu uMulela abasaboni ngaso linye.
Ngesikhathi kunalama hlebezi, iSilo sasimeqa undlunkulu uMulela uma sibingelela abahambele imicimbi yasendlunkulu.
Mumva nje undlunkuluu Mulela akasabonakali emcimbini yasendlunkulu.