Ezokungcebeleka

Umculo kaMaskandi uhlenge impilo kaNgeney’ntwen 

Liyah Mseleku

ICIKO elinamakhono amaningi uSihle “Ngeney’ntwen” Mkhize ukhiphe ulozolo lwe-EP kaMaskandi.

Nyakenye wezwa amanzi ngobhoko ededela umucu owodwa osihloko sithi Ey’ntwen nowathokozelwa abaningi.

Kulokhu upheke waphaka ulozolo lwe-EP esihloko sithi Akuvele Kuyekwe. 

Uthi ugabe ngesihloko sithi Go Deeper.

Abamazi kancono bathi la edabuka khona eMashiwase, kwaThoyane akasaconsi phansi njengoba ebabeka kwibalazwe.

“Umculo kimi usufana namaphilisi engiwagwinya nsuku zonke ngenxa yokuthi uyangiphilisa. Ngaphandle komculo ngabe kade ngazibulala ngenxa yezinkinga zomhlaba engike ngabhekana nazo ngilahlekelwa yikho konke empilweni kwamele ngiqale kwa-“a”. Angisiyena umafikizolo emculweni kwazise ngisebenze iminyaka eminingi ngingemuva kwamaciko avelele. Kulokhu uNkulunkulu ungithathe wangibeka phambili nami ngayivuma inselelo,” usho kanje.

Echaza kafushane ngomucu iGo Deeper uthe into eyenza owesilisa abe manqika ukubuyelana nesithandwa sakhe noma esasithanda ukusicabanga senza ucansi nenye indoda.

Esihloko sithi Umjolo Uphelile uNgeney’ntwen uveze ukuthi kulesi sikhathi samanje akusancengwana. Uthi le ngoma ikhuluma kabanzi ngobungozi bokungena nezingane zenye indoda/ntombi emjolweni. UNgeney’ntwen uthi lokho kuholela ekuhlukumezekeni kwezingane.

“Lezi zingoma zithinta ngqo izihloko esisabayo ukukhuluma ngazo kodwa yizo kanye ezidinga ukufakelwa izibuko,” kuchaza uNgeney’ntwen obuye alingise aphinde abe umhleli.

Uma uyilalela le-EP uzwa iphimbo elimtoti likeneneza kamnandi njengoba uNgeney’ntwen epike uMpume SA umzwilili uqobo.

Phakathi kwamaciko asebenze nawo kubalwa ijaji loShuni Womhlaba uPhuzekhemisi, Mbuzeni Mkhize, Thami Mathe, Thulasizwe Mnyandu, Celumusa Zuma, Nyamazane, neChwane likaPhuzekhemisi. Le EP ikhona kuwo wonke amadigital platforms. Nansi ilink ngezansi.

Related Articles

Back to top button