Zifunwa uthuli izinkabi ezibulale uthisha emagcekeni
KUPHAZAMISEKE ukufunda ePhikiswayo Primary School eNtuzuma esigcemeni sakwa-A enyakatho neTheku ngesikhathi kudutshulwa uthisha wesifazane.
Kusolwa abesilisa ababili abaqede ngempilo kathisha phambi kwabafundi emagcekeni ngoMsombuluko ekuseni.
Abafundi kuthiwa baphume esamagundane ngemuva kwalesi sigameko esesidale ingebhe nakwabanye othisha.
UNgqongqoshwe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka uthumele isitatimende esithi sekuthunyelwe ithimba lezikhulu nabeSpecial Needs Education Services.
Laba bajutshwe ukuyolekelela isikole njengoba lesi sigameko sibakhubazile nangokomqondo.
UNgqongqoshe uthe yize imbangela yokubulawa kukathisha ingaziwa kodwa uyasigxeka lesenzo wasifanisa nobulwane.
Unxuse amalunga omphakathi angaba wusizo ekutholeni umkhondo wababulali ukuthi uthintane namaphoyisa ngokushesha.
“Isishayile le nto yokubulawa kwalo thisha obezimisele ngendlela eyisimanga emsebenzi wakhe. Ngalesi sikhathi samanje sikhalisana nomndeni wakhe nozakwabo abefundisa nabo nabafundi,” kusho uNgqongqoshe.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe: “Amaphoyisa aseNtuzuma ayaphenya ngokubulawa kowesifazane oneminyaka ewu-46 ubudala, odutshulwe wabulawa emagcekeni esikole. Ulwazi esinalo luveza ukuthi kufike amadoda amabili adubula ephindelela ebhekise kulo wesifazane, ngaphambi kokubaleka. Lo wesifazane ushonele endaweni yesigameko, kanti abasolwa bafunwa uthuli.”