Ezemidlalo

Akudikizi nanqulu kumqeqeshi weChiefs edliwe

AKUDIKIZI nanqulu kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi ohlazwe yiYoung Africans ngo 4-0 emdlalweni weToyota Cup ngoSento ntambama.

Kunokuthi akhathazeze, lo mqeqeshi uveze ukuthi akanankinga nokuthi bahlulwe kulo mdlalo ngoba bavele basafundana.

“Okokuqala nje, asibongele iYoung Africans ngomdlalo omuhle namuhla.

“Thina siyiqembu elinabadlali abancane, siyafunda futhi sinethemba lokwakha iqembu eliqinile,” kusho uNabi.

Lo mqeqeshi ukhombise isibindi nokuthembela kubafana abancane, wabagcina noma sebenza amaphutha.

Emagolini amathathu kwamane ashaye yiYanga, kube amaphutha abadlali abasebancane obekukhona kubo Nkosana Mbuthu noSamkelo Zwane.

Kodwa uNabi ubavikele, ikakhulukazi uMbuthu, ethi uma bengawenzi amaphutha manje ukuze bafunde, bazowenza kuphi.

“UMbuthu umdlali osemncane, kodwa uzoba umdlali omkhulu ngokuhamba kwesikhathi,” kusho lo mqeqeshi.

“Anginaye umdlali wasemuva kwesokunxele njengamanje… uyena esimdlalise emuva kwesokunxele.

“Akadlalanga kahle kulo mdlalo, kodwa uma engadlali kahle manje, uzodlala kabi emdlalweni osemthethweni.

“Bengingeke ngimkhiphe, ngifuna ukumnyusela ukuzethemba. Ukwenza iphutha kungene igoli yinto ejwayelekile.

“Kodwa ngimkhipha, kungabe ngiyambulala… Kuwumsebenzi wami ukumvikela.”

UMbuthu uzame ukujika abagadli beYanga kodwa bamphuca ibhola, laphelela ku-Aziz Ki obe eselinamathisela enethini.

Esiwombeni sesibili, noZwane uzame ukujika iYanga yalidla ibhola qede laphelela kuKi obe eseshaya elesibili nelenze kwaba u 4-0.

Related Articles

Back to top button