Basenjeni ojele besifazane abadayisela iziboshwa ikhekhe
Aphe Gcwabe
KUVALEKE ompompi bamabhizinisi angekho emthethweni kufika uNgqongqoshe omusha wezamajele uPieter Groenewald.
Phakathi kwawo kubalwa ukudayiswa kwesinene okuthiwa bekwenziwa ojele besifazane bedayisela omacaphuna kusale beziboshwa zabesilisa.
Abanye ojele kubikwa ukuthi bese bevule ngisho izipaza ngaphakathi emajele.
UMnyango ukhiphe izibalo eziqagula ukuthi bangu-1245 ojele besifazane asebehlaliswe emakhaya ngenxa yophenyo oluqhubekayo besolwa ngalamacala.
Isabalo sojele abese bevule amabhizinisi sifinyelele ku-589. Lokhu kuphambene nomthetho njengoba umsebenzi wojele kuwukuqapha iziboshwa.
Nabaphathi abangu-17 nabo abasalanga ngaphandle bamiswa njengoba nabo benembeka kule nkohlalalo ebiqhubeka.
UNgqongqoshe ukhombise ukulwa nobugebengu ejele iJohannesburg Correctional Services eselaziwa ngeSun City ngoLwesithathu kusihlwa.
Iziphathimandla namaphoyisa zilishiye lipetukile bebheka ijele befuna okungafanele. Lokhu kulandela ukuthi esinye seziboshwa besipikla ezinkundleni zokuxhumana sithi kuphilwa impilo entofontofo ejele.
Kutholakale amalaptop, amaselula, PlayStation, imimese nokunye okuningi okungafanele kuphathwe iziboshwa.
Ngokombiko weHighvelder yaseMpumalanga kuboshwe ojele ababili e-Ermelo Correctional Services abebezama ukushushumbisa insangu, amaselula nokunye okungavunyelwe.
Laba babhadanywe ngesikhathi iziphathimandla zitheleka kungazelele muntu ngomhla ka-24 Julayi.
UNgqongqoshe ubeke eqhulwini ijele laseMangaung eBloemfontein lapho efuna izimpendulo nayelana nokweqa kombulali nomdlwenguli uThabo Bester ngonyaka ka-2022.