UKomphela uncome unozinti wakhe bethola iphuzu ekhaya
Siwe Shozi
ZISHAYANE zaze zabukana eMpumalanga Stadium, iLamontville Golden Arrows idlala ngokulingana neMamelodi Sundowns engompetha besicoco seDStv Priemership 2023/24.
Lo mdlalo uphethe ngokuthi iqembu lakwaZulu-Natal likwazi ukuvimba amaSandawana angawafaki amagoli njengoba bejwayele ukwenza kwamanye anaqembu kuPSL. Lokho ke kuholele ekutheni kube yiqanda ngapha nangapha.
Umqeqeshi waBafana Bes’thende uSteve Kompela uncome unozinti weqembu u-Ismail Watenga ngomsebenzi awenzile ukuvimba ngisho impukane.
Lo nozinti ongowokudabuka eNigeria oneminyaka engu 28 ubudala usemabhukwini eSandawana kodwa ubolekiswe kuBafana Bes’thende kule sizini. Okuphinde kwajabulisa uKompela wukuthi uWentenga uphinde waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Ukudlala kwabafana baseLamont neSandawana ngokululingana kubenze banyukela endaweni yesishiyagalombili kwiLog. Banamaphuzu angu 33 kanti sebesalelwe imidlalo emithathu njengawo wonke amaqembu akuDstv Priemership bese iyosongwa isizini.
Imidlalo esele bazoyidlala neChippa United ngeSonto, Cape Town Spurs ngoMgqibelo mhla ka-18 Meyi bavale ngaMaZulu FCS mhlaka-25. Yonke lemidlalo izoba ngehora lesithathu ntambama.
Imiphumela yayizolo kuDstv Priemership: Lamontville Golden Arrows 0- 0 Mamelodi Sundowns
Orlando Pirates 2-0 Chippa United
Polokwane City 0- 0 Richards Bay FC
Stellenbosch FC 0-0 AmaZulu FC