UKhisimusi omnyama kwabakhokhisa iprotection fee eMgababa
Bahle Mkhize
BANGASE bawudlele ejele uKhisimusi abasolwa besilisa abayisithupha baseMgababa, ogwini oluseNingizimu neTheku, ababhekene namacala okuthatha ngo “dli” imali yokuvikela, (protection fee).
Kuthiwa lomsebenzi bebewuqhuba ezipaza ezahlukene zendawo kodwa baze bababnjwa ngoLwesine.
Ngokwemibiko ekhishwe ngamaphoyisa, laba basolwa bangonogada benkampani ezimele.
Ngesikhathi bebanjwa ngamaphoyisa kuthiwa bebedlubhe umfaniswano wabo womsebenzi, behlome ngezibhamu, behamba nangemoto yenkampani.
Kuthiwa baxhakathiswe ngokubambisana kwamaphoyisa aphenya amacala obugebengu obuhleliwe, awophiko lwezinja kanye nenhlangano eyengamele ukusebenza konogada iPsira.
Ngesikhathi beboshwa, batholwe nezibhamu ezinhlanu, izinhlamvu, amafoni ayisikhombisa, nemali ewu-R18 000.
Akusona isigameko sokuqala lesi iPurpose esibike ngaso selokhu kuqale inyanga kaDisemba.
Ngomhla ka-5 sibike ngokuboshwa kwabasolwa abayisihlanu ababanjwe oqotsheni bekhokhisa imali yokuvikela inkontileka yokwakha eMzinto.
Kuvele ukuthi amaphoyisa athole ucingo kuthiwa akaphuthume endaweni ebeyeyakhiwa kabusha kunamadoda aphazamisa ukusebenza afuna nemali ngodli.
Nebala azikadalawane zifike zazithela kula ephazamisa ukusebenza abaphoqa nokuthi abasebenzi balahle amathuluzi phansi.
Zibakhalele abasolwa babekwa amacala okuphazamisa ukusebenza nokufuna imali ngo dli.
Imibiko iveze ukuthi labasolwa bebengaqali ukuyodala uthuthuva kule nkontileka njengoba ngoNovemba bafika kabili besabisa abasebenzi.
Babetshela abasebenzi ukuthi akukho msebenzi ozoqhubeka bengabanga nomhlangano neziphathimanda kulo msebenzi.