Azowuhlukanisa ejele unyaka amaphoyisa ebamba imoto yemali
LIHLEHLELE umhla ka-27 Febhuwari icala elibhekene namaphoyisa uSgt George Phaahla (41), noConstable Zachariah Mogopa (41) emuva kokuthi engavelanga umsolwa wesithathu uBongumusa Jele enkantolo ngenxa yokuthi ugcinwe esitokisini eWitbank ngamanye amacala.
Kutholakale ukuthi lamophoyisa ayabandakanyeka ecaleni lokudunwa kwemoto ethwala imali iG4S endaweni eSenotlelo, eMpumalanga ngoFebruwari 2021.
Abophiko lamaHawks athola ukuthi onogada baqolwa imali engango R5.8million uphenyo laveza khona ukuthi amaphoyisa amabili asesteshini saseVaal ayabandakanyeka kulobu bugebengu.
UPhaahla wasebenzisa imoto yamaphoyisa ukulanda izibhamu ezingekho emthethweni KwaMhlanga, wabe esezinika uzakwabo uMogopa.
Okhulumela amaphoyisa uLt.Col Dineo Sekgotodi uthe izibhamu kwakungezona ezomsebenzi.
“Lezi zibhamu zasetshenziswa ukubamba imoto yemali iG4S, womabili amaphoyisa aboshwa abe eseyazivumela icala.”
Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo isamba semali ethize satholakala kuMagopa.
Umsolwa wesithathu uJele waboshwa kwaNyamazane namaphoyisa amabili.
Amaphoyisa avuma icala, avela enkantolo izikhathi eziningi enkantolo yase Vaalbank. Kwathi ngo Agasti-2021 icala lwasulwa enkantolo ngenxa yemiphumela yeForensic.
“Lwaqhubeka uphenyo lapho, kwatholwa okwakushoda kwimiphumela yeforensic. Idokodo labuyiselwa emuva, nokwaholela ekuboshweni kabusha kwabasolwa. Labuyiselwa enkantolo icala,” kusho uSekgotodi.
NgoLwesibili kwaboshwa uMagopa eSiyabuswa wagcinwa esitokisini saseVaalbank. Kwaboshwa uPhaahla ngoLwesithathu.
UMagopa wamiswa emsebenzini kodwa uPhaahla esasebenza, waboshelwa endaweni yomsebenzi esteshini samaphoyisa eVaalbank.