Izindaba

Kuboshwe abase Nigeria nezidakamizwa ePark Rynie

Sane Mseleku

ABOPHIKO lama Hawks ePort Shepstone, abophe abasolwa ababili baseNigeria ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa.

AmaHawks akwenze lokhu ngempumelelo ebambisene nabeCounter Narcotics, Crime Intelligence, Port Shepstone K9, Port Shepstone Tactical Response Team namaphoyisa aseScottburgh.

Umsolwa uChima Ihekwoaba (44) no-Uchechukwu Mbaogu (26) ngokudayisa izidakimzwa endaweni yasePark Rynie eduze kwase Scottburgh KwaZulu-Natal.

Abomthetho bathole umkhondo ngeqembu lezigelekeqe ezidayisa izidakamizwa.

Umsolwa wesibili uno-Uchechukwu Mbaogu (26) esesitokisini naye nomngani wakhe ngamacala okushushumbisa izidakamizwa ePark Rynie

Benze uphenyo, loluphenyo balenze bezifihlile ukuthi bangamaphoyisa.

Lokhu kubenze bakwazi ukushaqa izidakamizwa ezilinganiswa ku-R8,700 kubalwa icocaine, cat kanye necrystal meth.

Abomthetho baphinde bashaqa imali engango R38,450 abakholelwa wukuthi ngeyobugebengu. Izidakamizwa abazitholile nemali bazigcinile njengobufakazi. Abasolwa bavele enkantolo yaseScottburgh, basagcinwe esitokisini.

Icala labo lihlehliselwe-30 Disemba-2024.

Khona manjalo ngenyanga edlule kwaba khona icala elithi alifane naleli lapho kwaboshwa abasolwa ababili baseNigeria amangenalo igunya lokuba kuleli.

U-Ikemukwu Benjermin Ezerim (39) kanye noChristian Valentine Uchenna (37) batholwa nezidakamizwa ezingango R1.2million, imali, amaselula, isikhali kanye nemoto yeMercedes-Benz iC180.

Bavela enkantolo yaseVolkrust eMpumalanga ngo mhlaka-29 Novemba, lahlehliselwa u-9 Disemba icala lapho babeyofaka isicelo sebheyili, basagciniwe esitokisini.

Ophethe abophiko lama Hawks uNicholas Jacobus Gerber, ubonge amalunga omphakathi ngokuhlaba umkhosi ngalezi zigelekeqe ezidayisa izidakamizwa.

Related Articles

Back to top button