Uzobingelelwa ngokunyuka kwapetrol u-2025 eMzansi
YIZE sekubalwa izinsuku kusongwe unyaka ka-2024 kodwa izindaba ezingehli kahle ngezokuthi abanikazi bezimoto nabashayeli bazohlangabeza unyaka omusha ka-2025 ngokunyuka kukapetrol.
Upetrol uzonyuka ngoLwesithathu mhla ka-1 Januwari 2025. Ukuqala unyaka ngaleli giya kubikezela ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela ngoba kungase kunyuke namatekisi nentengo yokudla.
Lezi zindaba zimenyezelwe ngabeCentral Energy Fund ngasekuqaleni kwesonto. Ngesikhathi kushaya kuzwela kwabanezimoto ezisebenzisa upetrol, labo abasebenzisa udizili bazoke bathi ukushawa umoya ngoba ngoJanuwari kubikwa ukuthi intengo yawo izokwehla.
Abenhlangano eyengamele izithuthi kuleli i-Automobile Association (AA) bakuqinisekisile ukuthi udiesel nopharafin kuzokwehla.
“Intengo kapetrol wohlobo lwe-ULP95 izonyuka ngo-3 senti ilitha, kuthi intengo yohlobo lwe-ULP93 kuqagulwa ukuthi izonyuka ngo-11 senti ilitha. Intengo kadiesel izokwehla ngi-3 senti ilitha kuthi upharafin wehle ngo-14 senti ilitha,” ngokusho kwesitatimende sakwa AA.
Yize izazi kwezomnotho zithi noma iRandi belingenzi kahle uma liqhathaniswa neDollar laseMelika kulezinyanga ezedlule, kodwa okube nomthelela omkhulu kulokhu kunyuka kukapetrol okuzoqala ngoJanuwari ukuguquka kwentengo yemikhiqizo emazweni omhlaba.
Izazi zithi phansi amaphaphu kubantu ngoba lolu lwazi olukhona manje ngokunyuka kukapetrol kusengenzeka luguquke ngaphambi kwesimemezelo sikaJanuwari, okuchaza ukuthi kusengaba noshintsho ngezinga intengo kapetrol enganyuka ngayo kodwa okumile ukuthi wona uyanyuka.
Emgaqweni