Izindaba

Umunyu kungcwatshwa iphoyisa eHammersdale

Phila Luthuli

UBEKWE endlini yokugcina ngoMgqibelo ntambama, eHammersdale, uWarrant Officer Dumsani Ndlovu.

UNdlovu wadutshulwa wabulawa kanye nokhomanda wasePolice station yaseHammersdale uCaptain Pather.

Behlelwa ilo mshophi behambele indawo yesigameko lapho kwakudutshulwe lwabulawa abantu besifazane ababili eClifdale, eKZN.

Uneseneminyaka engu-36 esebenza embuthweni wamaPhoyisa.

Ukubulawa kwalama phoyisa kuthinte ngisho uNgqongqoshe walo mbutho uSenzo Mchunu esilobe kusalindeleke athule inkulumo.

Phakathi kwezikhulu ebezikhona kubalwa uNational Commissioner of SAPS uGeneral Fannie Masemola, isekela kwiNational Commissioner of Policing uLieutenant General Tebello Mosikili, Provincial Commissioner of KZN, Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, noDivisional Commissioner of Visible Policing and Operations uLieutenant General Johanna Mamotheti.

Ibhokisi likauWarrant Officer Dumsani Ndlovu obebekwa endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo
📸:SAPS

Ngesonto eledlule eKZN kubulawe amaphoyisa amahlanu ezigamekweni ezahlukene nokuyinto ethusayo.

Kuzokhumbuleka isigameko sokungena kwabantu emzini kaSergeant Mbambo kuMabhunu Sabela Road kwaN eMlazi nalapho bamdubula khona.

Kwathi kusabatshazwa lesi sigameko kwabulawa uConstable Hulley eNewlands East emgaqweni uBarracuda Road. Wagcina eshonela esibhedlela enenxeba elibi ekhanda.

Kwashona uCaptain Khubisa wase-Esikhaleni ethi uzama ukusiza kugqekezwa.

Related Articles

Back to top button