Ezezimoto

Imfihlo enkulu yeHonda FIT ingaphakathi

Sihle Mkhize

KULOKHU bathe ukuyithintitha mbijana lapha nalaphaya iHonda FIT nakuba kungelona uhlobo lwemoto othi uma uqhamuka ngalo abantu bajijeke imiqala, bephenduka kodwa imfihlo yayo enkulu ingaphakathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi bekugiya iHonda Jazz phambilini yize seyilibaleka nakuba isahamba emigwaqeni yakuleli.

Isizathu salokhu wukuthi isikhala seJazz savalwa iHonda FIT nayo okungeyona imoto entsha njengoba lena yakamuva sekungeyesizukulwane sesine.

Isidle ngamandla

Iphuma nenjini engu 1.5 litre i-VTEC esebenzisa upetrol bese ilekelelwa ugesi osebenza ngebattery ilithiumion nogearbox wayo oyi CVT. Inamandla afinyelela ku 90kW netorque engu 253Nm.

Badinga ukwethulelwa isigqoko kwaHonda ngokukhiqiza imoto ongayifakazela ukuthi ibuye idonse ngogesi ngenxa yendlela eyonga ngayo kupetrol.

Uma sihlukanisa phakathi kwenjini kapetrol nogesi ngokwamandla, injini kaphethroli ikhiqiza u76kW no-131Nm bese kuthi ekagesi kube ngu-12kW no-122Nm.

Ngesikhathi ishintshela kugesi ithula cwaka kokunye kudingeka ubaxwayise abantu ngokushaya ihooter.

Babambe isitayela

Ingaphambili kwigrille liphahlwe ngamalambu eLED. Igqize ngezibuko ezicwebezelayo ezinhlangothini. Amasondo angu-16 inch. Ngemuva bayinamathisele ngohlobo olusha lobhampa. Ipayipi lika exhaust livele kancane ngasohlangothini langakwesokudla.

Ngaphandle iqoqekile kodwa uma usungaphakathi udedangendlale. Abantu abathathu asebekhulile bayakwazi ukuhlala bakhululeke ngemuva. Okunye engikuqaphelile ukuvuleka ezihlalweni zangaphambili nesikhala esikhulu phakathi komshayeli nephasenja.

Iphuma nezihlalo zesikhumba nesteering esigqize ngesikhumba. Isikhala sebhuthi singu-298 litres kodwa uma izihlalo zilalisiwe siyanda sifinyelele ku-1199 litres.

Inkosi kupetrol

Njengoba idonsa ngopetrol ibuye isebenzise ugesi ungasho ukuthi yimoto ekahle ukwenza imisebenzi yansukuzonke ngoba iyonga.

Ezinye izinto ezitholakala kwi FIT iscreen esingu 9.0-inch, Smart Keyless Entry, ama sensors angaphambili nangemuva, amalambu aneLED, Adaptive Cruise Control, Lane Keep Assist, Road Departure Mitigation, Auto High-Beam neCollision Mitigation Braking System.

Izinga abayibeke kulo kwezokuphepha kwenza ungabi nokungabaza ukuthi kungani abantu abadala bezifela ngale moto. Ngaphezu kwalokhu iphinde iphume newireless smartphone charging pad.

Okutholakala kwi-FIT

ABS, EBD, HSA
VSA (Vehicle Stability Assist)
Rear view camera
Front and Rear Parking Sensors
Front, Side and Curtain Airbags
Front and rear seatbelt warning reminders.
ISOFIX Child Seat
Lane Keep Assist and Road Departure Mitigation.

Intengo

Honda FIT e-HEV: R544 900

Intengo yeHonda FIT e-HEV ihambisana newarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 200 000 k, iservice plan yeminyaka emine okanye ibanga lika-60 000 km.

Related Articles

Back to top button