Unabile induku osolwa ngokudlwengula indodakazi (14)
Sihle Mkhize
USINDISWE onogada bakwa Reaction Unit South Africa (RUSA) owesilisa waseZimbabwe (43).
Le ndoda kuthiwa ibimelene nokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka engu-14 ubudala.
Ithumba lize laqhuma ngoLwesine (namhlanje), nalapho iqulu lamalunga omphakathi ahlanganile aphikelela edlini yalo msolwa eZwelisha, eVerulam, eKZN.

📸:RUSA
Kuthiwa ngesikhathi kufika abakwaRUSA intombazane ivumile kunina ukuthi kade ayiqala uyise eyinukubeza ngocansi.
Umphakathi umthelekele ngamaplangwe, izinduku nakho konke obekuseduzane.
Unina wengane kuthiwa sebahlukane noyise lo osolwayo.
Unina womgilwa kuvela ukuthi kukhona akuqaphelile okuhlukile wase enquma ukuhlaba indodakazi yakhe ngemibuzo.
Okuthusayo wukuthi umgilwa waqala ukunukubezwa eneminyaka engu-6 ubudala.
Kule minyaka eyisishagalolunye edlule umsolwa kuthiwa ubebuye amkhumule amphonqe ukuncela ubuntu bakhe.
Emuva kokuvela wonke lamahlazo unina wentombazane uhlabe umkhosi umphakathi waphikelela kwakhe nalapho umshiye enabile induku. Ngesikhathi enenebulwa kuthiwa ulivumile icala lomsolwa.
Ngesikhathi sokuloba umsolwa ubesagadwe onogada belinde amaphoyisa asesiteshini saseNanda.