Izindaba

Ichilo amadoda ebulala abesifazane nezingane eKZN

AMAPHOYISA aseMkhomazi kwaZulu Natal aphenya amacala amabili okubulala nelokuzibulala kulandela isigameko sowesilisa (24) ogwaze wabulala umama wengane yakhe (22) nengane (3) eDanganya eMgababa.

Amaphoyisa afike endaweni yesigameko afica isidumbu sowesifazane nengane phezu kwegazi owesilisa yena ezilengisile endlini.

Izidumbu zitholakale namuhla ngoLwesihlanu, ekuseni kanti kusolakala ukuthi izigameko senzeke izolo kusihlwa.

Kwenzeka lesi sigameko nje kusabatshazwa ukubulawa kwaNontobeko onqunywe uqhoqhoqho eMzinto, ogwini oluseNingizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Umbulali uSibusiso nobeyisoka likamufi akazange kuphela aziqophe ezivumela ukuthi uyena obulale intombi yakhe kodwa uphinde wafaka nesithombe sesidumbu sentombi yakhe.

Umsolwa utholwe amaphoyisa esihlahleni ezilengisile maduzane nendawo yesigameko.

“Lesi senzo esibi kangaka siyisikhumbuzo sokuthi kuyaqhubeka nokuhlukunyezwa kwabesifazane emphakathini. Isenzo sobundlavini sithunaza ubuntu bethu, asinandawo kuleli zwe.

“Ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngalendlela ebuhlungu akuvumelekile, kuthunaza kuphinde kwehlise isithunzi somuntu,” kusho uMchunu.

“Ukuzibulala kukamsolwa kuvala umthetho ukuthi uthathe izinyathelo kodwa lokho akusho ukuthi siyasivuna isenzo sakhe, noma asizwelani nobuhlungu obuzwiwe owesifazane.

“Umndeni wesifazane, abangani, umphakathi kanye nomndeni wamsolwa, kumele bahlale beqaphile ngesifo sengqondo kwabathandiwe babo,” kuphetha yena.

Related Articles

Back to top button