Udume lwengozi kushona uDoc Shebeleza
Sihle Mkhize
LIPHUMULILE iqhawe lomculo weKwaito uVictor Bogopane obedume ngoDoc Shebeleza (51) emculweni.
UDoc ushonele esibhedlela emuva kokubambeka isikhathi eside, nomndeni uqinisekisile ukudlula kwakhe emhlabeni.
NgoJuni 2024 kwabikwa ngesimo esingesihle salo mculi nesaholela ekutheni aphuthunyiswe esibhedlela okokuqala kuvalwe amehlo.
UShebeleza wazakhela udumo nogazi ngesikhathi sama cassette ngo-1996 ededela i-album esihloko sithi S’kumfemfe.
Kwachuma amanoni ezingoma okubalwa esihloko sithi Kum’nandi, Ebumnandini neGhetsa Ghetsa.
Abaningi bazomkhumbula ngomdanso iTsipa Tsipa owadunyiswa iqembu lakhe lomculo.
Igama lalo mculi liphinde lakhuphuka ngo-2014 lapho khona uCassper Nyovest eqamba ingoma ngaye.
Kwaba sengathi umvusa kwabafileyo kwavuseleleka uthando lomculo kubalandeli bakhe.
Kushona uDoc Shebeleza nje indima yezokungcebeleka isazikhotha amanxeba njengoba kungakapheli nezinsuku ezimbili kushone isihlabani somculo we-Afro house, uWinnie Khumalo.
UWinnie uzakhele ugazi nodumo ngengoma ethi Let Me Live My Life. Ushonele endleleni ephuthunyiswa esibhedlela ngezithuba zabo-2 emini.
UWinnie wazalelwa eMofolo North, eSoweto, waqala ukwaziwa emculweni ngeminyaka yo-1980 eseneminyaka ewu-15. Waduma ngenoni elalithi Hey Laitie nelithi Tshina Tshina.
Wabuye wakhuza ibuya nge-albhamu yokholo eyayithi Izono Zami. Waphinda wanyamalala emculweni, wavumbuka ngeminyaka yo-2000 ngenoni elithi Live My Life futhi eselingisa nasemafilimini kaChicco Twala.