Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa umfundi (13) Kwaginga Primary

Sihle Mkhize

KUDUTSHULWE kwabulawa umfundi (13) waKwaginga Primary School eMawotana ngaseVerulan, KwaZulu-Natal.

Ufakazi ozibonele ngamehlo exoxola onogada bakwa Reaction Unit South Africa (RUSA) uthe umufi ubezixoxela nabafana egcekeni ngesikhathi kutheleka amadoda amathathu.

Afike adedela isibhaxu ebuza isibhamu okuthiwa lo mfana ubonakale esiphethe ngayizolo.

Abagcinanga lapho kodwa bamdubulile base bedla phansi baphela emehlweni.

Onogada nabezimo eziphuthumayo abese bebiziwe bafice umfana enamanxeba emuva emqaleni, ingaphezulu kwasehlweni ngakwesikunxele.

Nasengalweni ikhona inhlamvu engenile, kulapho kubonakele khona ukuthi sekumenele kuyo indawo yesigameko.

Ubulawa nje lo mfana kubalwa izinsuku uMnyango wezeMfundo uvule izikole eKZN.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi kushaqeke iMeya yaseMvoti uMnuz GZ Malembe ngesenzo sebhungu elibulale ngesihluku ugogo walo.

Ngokubika kukaMasipala waseMvoti lokhu kwenzeke ngosuku olwandulela uNcibijane.

Umzukulu ehlasele ugogo wakhe wamgwaza amanxeba amaningi wamnquma.

Lo mzukulu oneninyaka ebalelwa kwengu-20 akagcinanga lapho, uqhubeke wabasa umlilo egcekeni lapho ashise khona amathambo kagogo wakhe.

“Ngesikhathi amalungu omndeni nomakhelwane bembuza ukuthi ubeshisani, kuthiwa ubatshele ukuthi ‘uthosa ingulube’,” kubika uMasipala waseMvoti ngesitatimende.

Kutholakale ngokuhamba kwesikhathi ukuthi empeleni ubeshisa izinsalela zikaninakhulu.

UMalembe unxuse amaphoyisa aseKranskop ukuba alusebenze ngokushesha lolu daba ukuze umndeni kamufi uzothola ubulungiswa.

Related Articles

Back to top button