Ezokungcebeleka

UDJ wesiteshi somsakazo ecaleni lokudlwengula udado (6)

Uvela eNkantolo ngomhla ka-27 May uDJ wesiteshi somsakazo esifundazweni iLimpopo.

Lo msakazi oneminyaka engu-37 ubudala ubhekene  necala lokunukubeza udado oyisihlobo sakhe oneminyaka eyisithupha.

Ngokombiko wabezindaba udado wayeshiywe nogogo ngesikhathi egilwa ngomhla ka-12 May.

“Unina wentombazane wayesePitoli ngalolo suku. Wathola umyaleyo kugogo womntwana ukuthi intombazanyana ayiphilile kahle. Wabe esebuyela ekhaya nalapho wafika ingane isithathiwe yaphuthunyiswa esibhedlela. Nebala esibhedlela baqinisekisa ukuthi impela uhlukumezekile ngokocansi,” kusho uBrig Hlulani Mashaba.

“Ngesikhathi ephenywa ngemibuzo udado wavuma ukuthi umsolwa wamkhombisa into ayengayazi ngaphambi kokuthi amnukubeze ngokocansi,”

Umsolwa ube eseboshwa ngoMsombuluko kulandela uphenyo olunzulu ngabaseshi baseWaterval.

Khonamanjalo uthukuthele uthelwa ngamanzi umphakathi wase-Arnot, eMpumalanga, kulandela ukuboshwa komsolwa ecaleni lokudlwengula intombazanyane (6).

Umunywe ukhomba umsolwa odabuka e-Ethopia onqabe ibheyili.

Okucasule kakhulu abanye abantu wukuthi ucele uhulumeni ukuthi umvikele njengoba ekuleli ngokubalekela izimpi kwelakubo (asslym).

Ilunga lomphakathi uSthembile Dlamini uthi akajabulile ngokuthi umsolwa alaxaze ithuba lokufaka isicelo sebheyili.

Lithi libona sengathi kukhona ozama ukusiza lo msolwa.

“Siwumphakathi sidiniwe ukuthi ufuna ukufukanyelwa izwe lethu ekubeni ebhekene namacala abucayi kanje. Ufuna uhulumeni wethu amanze umuntu osemthethweni kuleli ngeke akubone lokho,” usho kanje.

Lo wesilisa ubhekene necala lokudlwengula udado oneminyaka engu-6 ubudala.

Kwengezwe necala lokuphula imithetho yokuphuma nokungena kwabantu kuleli kwazise akanamaphepha okuba seNingizimu Africa.

Umgilwa wayethunywe esitolo nomngani wakhe ukuyothenga okuthile nalapho wadonswa umsolwa endlini engemuva wamnukubeza ngokocansi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button