Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa omataniswa namatekisi eWaterloo

Bahle Mkhize

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa omataniswa nemboni yamatekisi.

Ngesikhathi edutshulwa ubehamba ngemoto yohlobo lweVW Polo emhlophe.

Lesi sigameko esishiye abaningi bebambe ongezansi senzeke eWaterloo, KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ekuseni.

Imoto obekuhamba ngayo umufi (26) itholakale iphaphalaze yaze yashayisa isihlahla.

Umshayeli ubebambeke esihlalweni enamanxeba okudutshulwa emzimbeni.

Ngeshwa ngesikhathi kufika abosizo lokuqala bese kumenele ukufa.

Nokho kugcine kutholakele ukuthi ungubani futhi wakwabani umufi kodwa besingakaziwa isizathu sokubulawa kwakhe.

Umufi kukholakala ukuthi usebenza embonini yamatekisi kulesi sifundazwe.

Abasolwa kuthiwa bashaye bachitha ngemoto eyiveni yohlobo lwe-Isuzu.

Inkampani yonogada iReaction South Africa (RUSA) Oparations Centre ithi ithole ucingo kwilunga lomphakathi libika ngesibhamu ebesiqhuma emgaqweni uJabu Ngcobo.

NgoMarch kwadutshulwa kwabulawa umshayeli wetekisi kuMasingana Road ePhase 6, eWaterloo.

Umseshi emaphoyiseni akwaSouth African Police Service (SAPS) owayengekho emsebenzini wafonela inkampanini yonogada iRUSA eyibikela ngokwenzekile.

Onogada abapholisanga maseko baphuthuma endaweni yesigameko bazithela phezu kweToyota Quantum igingqikile ilele ngohlangothi.

Isidumbu somshayeli besisivaleleke ngaphakathi kwiQuantum.

Kubuye kwatholakala isidumbu somonye wesilisa ebangeni elingango-150 metres ukuqhela endaweni yesigameko.

Ubenezimbobo zezinhlamvu, naye uhlonzwe njengosefile.

Kuzwakale ukuthi umufi ubengumgibeli kuleli tekisi.

Ngesikhathi idutshulwa naye kuvela ukuthi ubehlezi ngaphambili nomshayeli.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button