
Ushiye usana (3) lodwa lwashona eyozijabulisa nesoka
Liyah Mseleku
Ushiye usana oluneminyaka emithathu ubudala lodwa wayovakashela isoka ubusuku bonke owesifazane (32) wasesifundazweni e-Eastern Cape.
Kuthiwa lo wesifazane wathi ebuya esokeni ngoMsombuluko ekuseni wahlangana nesidumbu somntwana eduze komnyango.
Ube esegxisha isidumbu somntwana kwisuitcase waphikelela esiteshini samaphoyisa eMbizana.
“Uboshwe ngesikhathi efika naleli suitcase emaphoyiseni. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi eMbizana ngomhla ka-21 May,” kusho uMajola Nkohli okhulumela amaphoyisa ase-Easten Cape.
NgoLwesithathu (namhlanje) kulindeleke ukuthi abhekane namacala okuhluleka ukunakekela ingane, ukubulala ngokungenhloso, namanye.
Khonamanjalo, kwesinye isigameko esingahlobene nalesi bashe bangqongqa odado abane abaneminyaka engaphansi kwemibili ubudala eMayfair, eGoli.
Lesi sigameko esingundabamlonyeni senzeke izolo ngoMsombuluko.
URobert Malaudzi okhulumela iCity of Jorbug Emergency Services Emergency uthi babikelwe ngomlilo obushisa umuzi ubuhanguhangu ngabo-11 emini.
“Abethimba lezicishamlilo bahlanganile baphuthuma endaweni yesigameko. Izingane bezivaleleke endlini. Abosizo lokuqala be-EMS eGoli baqinisekise ukuthi bafike sebeshonile abantwana,”
“Zonke izisulu zingaphansi kweminyaka emibili,” kusho uMalaudzi.
Akwaziwa ukuthi lo mlilo uqutshulwe yini.
“Abethimba lezicishamlilo ngaphansi kwe-EMS baphenya imbangela yalo mlilo. Siyaqhubeka nokunxusa umphakathi ukuthi awuphephe kulesi sikhathi sobusika,”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



