
Umklomelo kaR150 000 konomkhondo wababulali boqweqwe lommeli
Aphe Gcwabe
Amaphoyisa askhiphe isamba semali engango-R150 000 kunoma ngubani ongeza nolwazi olungaholela ekushushisweni kuboshwe umbulali woqweqwe lommeli.
UZanele Precious Nkosi obeneminyaka engu-41 ubudala wadutshulwa wabulawa engaphandle kwendawo asebenzela kuyo.
Wadutshulwa eRustenburg kuKlopper Street ngomhla ka-29 March 2023.
Ngokwamaphoyisa isigameko sokubulawa kwakhe senzeka ngezithuba zabo 4:30 ntambama.
Kwenzeka ngesikhathi ephuma ehhovisi esegebila imoto yakhe emnyama yohlobo lweMercedes-Benz ebheke ekhaya.
Wavukelwa abantu esikhaleni bamshiya ezimbobombobo kwesingenhla nasekhanda bemdubula.
Isizathu sokudutshulwa kwakhe ngalolu hlobo asikaziwa kuze yinamhlanje.
Amaphoyisa athi ayanxusa noma ngubani ukuthi eze ngaphambili nosizo.
“Kube nesihluku ukubulawa kwakhe futhi bekuhleliwe ukubulawa kwalesi sifundiswa sidutshulwa emini kwa bha,” Sikholwa ukuthi ukhona umuntu othile ndawana thizeni ongaba nolwazi olungasiza ukuthi abenzi bobubi babanjwe futhi bashushiswe,” kusho uColonel Adéle Myburgh oyisikhulumi emaphoyiseni.
Icala lisezandleni zika Lieutenant Colonel Patrick Murunwa waseBojanala Sub-District 2 Detectives khona eRustenburg.
Amalunga omphakathi angaba nolwazi acelwa ukuba afonele uMurunwa ku-082 772 5991 noma bafihle amagama babike kuSAPS Crime Stop at 08600 10111 or via the MySAPS App.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



