Izindaba

UMasipala weTheku uvuke wakhuculula irenki exathukayo

Philasande Luthuli

Abasebenzi bezinhlaka ezahlukene kuMasipala weTheku bavuke bagcwala umgwaqo nemishanelo noplastiki abamnyama.

Bebesebenza ngokubambisana ukukhuculula irenki yamabhasi ekuWarwick Avenue nezindawo ezingomakhelwane.

Kuqoqwe izinhlobonhlobo zemfucuza okubalwa kuzona izimpahla zokugqoka, ukudla okuphekiwe noplastiki.

UMasipala ukhiphe isitatimende unxusa izakhamizi nabahambela iTheku ukuba babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi idolobha lihlanzekile.

UMasipala uthi mphakathi ungenza lokhu ngokuthi ulahle udoti ngendlela efanele, okuhlanganisa ukugwema ukulahla noma yikuphi.

Uthi wonke umuntu uneqhaza okumele ulibambe ekugcineni iTheku lihlanzekile.

Kule ndawo kunokugcwala amaphara kokunye uwathole eshisa okuthile emini kwabha.

Kugcina kugcwele intuthu emnyama bhuwe kulezi zitaladi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button