Izindaba

Igidigidi ezikaRamaphosa zikhothama kuTrump ‘ngokubulawa’ kwamaBhunu 

Bahle Mkhize

Usomabhizinisi uJohann Peter Rupert utshela uMongameli waseMelika uDonald Trump ukuthi zingamampunge izindaba zokuthi kubulawa abalimi abamhlophe eNingizimu Africa.

Uthi inkinga ubugebengu nje obudlange yonke indawo ikakhululazi eWestern Cape lapho kuphethe khona uJohn Steenhuisen.

Uveze nendaba yabantu bokufika kuleli athi ibhebhezela ubugebengu.

Utshele uTrump ukuthi iNingizimu Afrika iluyaludinga usizo lweMelika no-Elon Musk kwezobuchwepheshe ukulwa nobugebengu.

Ukungabi bikho kwamathuba emisebenzi ngezinye zezinkinga.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ngeke aziphinde kodwa, uTrump kumele alalele amazwi abantu bakuleli.

Uthi abanye okungabangani bakhe nabayingxenye yethimba afike nalo ukuze ashintshe umqondo ngokuthi abalimi abangamaBhunu bayabulawa kuleli.

UTrump uqhubekile nokukhombisa ukuthi uyayikholwa imibiko yokuthi eNingizimu Afrika kubulawa abalimi abamhlophe, baphucwa nomhlaba wabo.

Udlale i-video lapho uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema lecula khona ingoma yomzabalazo enezinhlamvu ezithi “dubul’ ibhunu”.

Uphinde wadlala ne-video ekhombisa indawo eneqwaba yeziphambano okuthiwa iyisikhumbuzo sabalimi abamhlophe ababulawa.

URamaphosa uzamile ukuyiphebeza indaba yokuthi eNingizimu Afrika kuhlukunyezwa futhi kubulawa abamhlophe, nokuthi baphucwa umhlaba.

Kuzokhumbuleka ukuthi kusanda kufuduka abamhlophe abangu-49 eMelika bekhala ngokuthi bayabulawa eMzansi.

Kulo mhlangano akuzange kubekhona ukujikijelana ngamazwi okwabonakala phakathi kukaTrump noMengameli wase-Ukraine uMnu Volodumyr Zelensky, eWhite House.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button