
Ubalwa nabaphambili kwamatric wasesizweni esidume ngengoma
Philasande Luthuli
UNgqongqoshe weMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ushayele ihlombe uMnyango wakhe oqwaqwade zonke izifundazwe.
UHlomuka ubekhuluma e-ICC eThekwini emcimbini wokuklomeliswa kwabafundi uthi uyaqhubeka nemizamo yokulwa nazo zonke izinkinga ezibhekene nawo, okubalwa ukuhanjiswa kwezinsiza zokufunda nokufundisa ezikoleni.
Ube eseqinisekisa ukuthi amageja abuyela ensimini kothisha nabafundi futhi umnyango uzokwenza isiqiniseko sokuthi ukuqala kokufunda akuphazamiseki.
Khonamanjalo, uMkhandlu waseMsinga oholwa iMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane uhalalisela uZamambo Mkhize obalwa ku Top 30 eyenze kahle iNingizimu Africa yonke.
“Singakusho kugcwalale umlomo ukuthi uZambo Mkhize usibeke kwibalazwe singu Msinga, njengoba engomunye wabafundi besikole iMacigwane Secondary School ngaphansi kwesizwe saMachunu edume ngokukhiqiza imiphumela emihle kakhulu esifundaweni saseKZN”
“Sifisa ukudlulisa amazwi okubonga kakhulu, kuthishanhloko kanye nothisha baseMacingwane ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla. Siyafisa ukubona nakwezinye izikole saseMsinga zikhiqhiza imiphumela emihle eNingizimu Africa yonkana” kuphawula uSikhakhane.



